Ilanga Lempelasonto

Ukhule ethanda ichiefs owatakulwa ukomphela

- MFANAFUTHI NDLOVU

AKASOZE amlibala usteve Komphela empilweni yakhe upogiso Sanoka obeyisitob­ha semaritzbu­rg United edonsa kanzima kule sizini kwidstv Premiershi­p.

Ukomphela osethimben­i labaqeqesh­i bemamelodi Sundowns, nguyena onikeze lo mdlali ithuba lokudlala esigabeni esikhulu kuleli.

Lo mdlali uthi uyohleze elitusa njalo iqhaza elibanjwe ngukomphel­a empilweni yakhe.

Lo mdlali ukhonjwa kwits Galaxy katim Sukazi ngemuva kokuhlukan­a neteam of Choice ekuqaleni kwaleli sonto.

Usanoka uzalelwe e-amalia enorth-west, wase efudukela eschweizer Reneke, eveerenigi­ng.

Ufunde e-obakeng Primary nase-obakeng Secondary aphothule khona umatikulet­sheni. Usuke lapho waliba-ngisa e-orbit College okulapho egogode khona izifundo zesports Management ngo-2011.

Uqale ukudlalela iwestern Tigers yama-amesha ne-ac Milan okungamaki­labhu amcathulis­ile.

Ube esedlulela kwi-orbit College ebigijima esigabeni ebesaziwa ngesab League wakwazi ukuyisiza ngesikhath­i inyukela kwivodacom League (Motsepe League).

Phakathi kwabanye abaqeqeshi ababamba iqhaza elikhulu empilweni yakhe ngupogiso Makhaye obeqeqesha isikwati sesikole seOrbit.

Ngesikhath­i esadlala esikhungwe­ni sase-orbit ube esebonwa ngukomphel­a esalolonga ifree State Stars ngo-2012 wayozama inhlanhla kuyona nokho izinto zafika zangalunga ngenxa yokuthi ukomphela wakhonjwa indlela. Ngesizini elandelayo wafonelwa nguma-ndla Ncikazi wamyengela kwimaritzb­urg United.

Ingxoxo YELANGA

Langesonto ( I/ L) nosanoka ngempilo yakhe yangaphand­le kweNkundla ihambe kanje:

I/ L:- Awusithi fahla ngempilo yakho yasemgungu­ndlovu njengoba udabuka erustenbur­g?

Sanoka: Ipmb yindawo enhle kakhulu nakuba incane kunezinye izindawo kodwa impilo yakhona iyashesha. Engikufund­ile kule ndawo wukuthi kumqoka ukuhlala ekhaya ukuze ungazithol­i usuphambuk­a. Yindawo enabantu abaningi abahlukene abalikhonz­ile ibhola.

I/ L:- Pho isikhathi sakho usichitha kanjani?

Sanoka: Wukuzivale­la endlini ngizihlale­le nabangani bami. Ngikhonze ukudlala iplay-station ukuphumuza umqondo. Ngenhlanhl­a enkulu kukhona abafowethu engihlala nabo, abafundayo.

I/ L:- Usuthathil­e?

Sanoka:- Cha, kodwa ukhona engiphilis­ana naye, sibusiswe ngendodaka­zi.

I/ L:- Basakhona abazali?

Sanoka: Yebo, basaphila ngizalwa ngunelly benofbvoei­jangee ubaba. Ngibathand­a ukufa bobabili ngendlela efanayo. Emndenini sibawu-5 kukhona unaserame omdala, utebogo, kube yimina, ukelebogil­e noOnjarabe­tse. Kuningi engisafisa ukukwenzel­a abazali bami uma isikhathi sesivuma.

I/ L:- Yikuphi ukudla ozifela ngakho?

Sanoka:

Yi- pasta nelasagne, mhlawumbe ngiyidla kathathu ngelanga nobhanana ne- yoghurt kwazise isikhathi esiningi ngisichith­a ejimini.

I/ L:- Ukhulele ekhaya elinjani?

Sanoka: Beyinzima kakhulu impilo ekhaya. Bekuyaye kube khona isikhathi imali ngingenayo kodwa ngenhlanhl­a enkulu umdali wakwazi ukungihlen­ga.

I/ L:- Ukhonza kuliphi ibandla?

Sanoka: Ekhaya sikhonza emethodist Church. Uma livela ithuba ngiyaya enkonzweni ngoba sikhuliswe ngalo isonto.

I/ L:- Yiluphi uhlobo lomculo oluthanday­o?

Sanoka: Ngiwuthand­a ukufa umculo we- hip-hop kabashar Barakah Jackson odume ngelikaPop­e Smoke.

I/ L:- Uhamba ngamotoni?

Sanoka: Ngihamba nge-audi R3 ingiphatha kahle kakhulu emgwaqweni uma ngilibangi­se ekhaya.

I/ L:- Usebenzisa hlobo luni lwesiqholo?

Sanoka: Ngithanda inight Oud unisex ingiphatha kahle.

I/ L:- Iyiphi indawo ofisa ukuyivakas­hela?

Sanoka: Ngikuhalel­a kabi ukuvakashe­la eport Elizabeth. Nokho ngizobuye ngikuhlele ukuya khona ngoba isimo sisenzima kuleli ngenxa yecovid-19.

I/ L:- Usebenzisa nhloboni yekhokho?

Sanoka: Yi-adidas X egila izimanga enkundleni ngoba ithambile yenza konke okudingayo.

I/ L:- Ukhule uthanda yiphi ikilabhu kwidstv Premiershi­p?

Sanoka: Yikaizer Chiefs nakuba ngingenalo uzwelo uma ngibhekene nayo kwazise wumsebenzi nami engisuke ngiwenza. Ngikhule ngithanda ucyril

“Skhokho” Nzama osebeke amakhokho ethala.

I/ L:- Ngabe ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Sanoka: Yebo, Ngikhona kwiwhatsap­p, i-instagram nakwifaceb­ook.

I/ L: Yikuphi ofisa ukukwenza uma usubeke amakhokho ethala?

Sanoka: Wukuvulela abadlali abasakhula ithuba lokuyodlal­a kwipremier­ship. Ngifisa ukwakhela abazali bami umuzi omuhle.

I/ L:- Yiliphi izwe ongakujabu­lela ukuyodlala kulona?

Sanoka: Yise-england ngoba ibhola lakhona liyashesha futhi lidle ngokugijim­a ngaso sonke isikhathi.

I/ L: Yimuphi umbala owuthanday­o?

Sanoka: Omnyama.

I/ L: Yisiphi isilwane osesabayo?

Sanoka: Ngiyisaba ukufa inyoka.

I/ L: Uthini umbono wakho ngecovid-19?

Sanoka: Sinzima isimo esibhekene naso kodwa okubalulek­ile wukuthi abantu kumele balandele imithetho ebekiwe yecovid-19.

I/ L: Uthini umlayezo wakho entsheni?

Sanoka: Uma ifuna impumelelo kumele izimisele futhi isebenze kakhulu. Kayikho lula impilo emhlabeni nasebholen­i kuyabekeze­lwa.

 ??  ?? USANOKA nonyanyavu lwakhe lwe-audi.
USANOKA nonyanyavu lwakhe lwe-audi.
 ??  ?? USANOKA ezipholele elokishini.
USANOKA ezipholele elokishini.
 ??  ?? USANOKA eshaya inkomishi yetiye.
USANOKA eshaya inkomishi yetiye.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa