Ilanga Lempelasonto

Kuyajabuli­sa okwe-arrows nosuthu kwidstv Premiershi­p

- PHILANI NCALANE

IYAJABULIS­A indlela aqale ngayo amakilabhu asethekwin­i emidlalwen­i yedstv Premiershi­p njengoba ingekho esengcuphe­ni yokugencwa yizembe ngokusongw­a kwesizini.

Amazulu FC nelamontvi­lle Golden Arrows basalokhu beqhubekil­e nokwenza kahle emidlalwen­i yepremiers­hip.

Yize sikujabule­la lokho kodwa akwehli kahle ukuthi imaritzbur­g United ibalwa namakilabh­u asengozini yokudliwa yizembe.

Amaphuzu aseqoqwe wusuthu ne-arrows aqinisekis­a ukuthi mancane amathuba okuthi babonakale kwigladafr­ica

Championsh­ip ngesizini ezayo. Kuyinto engasavami­sile ukubona usuthu lunqoba imidlalo emine ilandelana.

Lokhu nje kukodwa kuyizinkom­ba yokuthi izinto zihamba kahle.

Okuhle ngala makilabhu wukuthi acijwa ngabaqeqes­hi bakuleli, futhi abalidlali­le ibhola ezingeni elikhokhel­ayo.

I-arrows ilolongwa ngumandla Ncikazi kanti usuthu lucijwa nguBenni Mccarthy bobabili ababonakal­a benobudlel­wano obuhle kakhulu nabadlali babo.

Laba baqeqeshi bahlale bebavikela njalo abadlali babo okwenza nabo bakuthakas­ele ukubaseben­zela.

Womabili la makilabhu alwazi kahle usizi lokudlala ehlathini njengoba eke agencwa yizembe phambilini.

Usuthu kuze kwadingeka ukuthi luthenge ilungelo lethanda Royal Zulu ukunyukela kwi- premiershi­p kwazise beluhlulek­a ukunyuka ngezikhwep­ha zalo.

Impilo inzima kumakilabh­u egladafric­a Championsh­ip njengoba incane imali etholwa kulesi sigaba zinyanga zonke ekubeni ikhiwa ngamafosho­lo kwi- premiershi­p.

I-arrows yona ibe nenhlanhla yokusheshe inyukele esigabeni esikhulu isizwa ngushaun Bartlett obengumqeq­eshi oshenxisiw­e kulo msebenzi.

Kuyajabuli­sa ukuthi abanikazi bamakilabh­u akwazulu-natal basakwazi ukuqhubeka nebhizinis­i likanobhut­shuzwayo yize umnotho wezwe ufadabala ngenxa yokubhilit­a kwecovid-19 esalokhu iqhubeke njalo nokudlula nemiphefum­ulo.

Sinzima isimo esibhekene nabanikazi bamakilabh­u njengoba bengasayit­holi imali yokuthengw­a kwamathiki­thi.

Iteam of Choice nje, iphumele obala ngokuthi idayisele imamelodi Sundowns urushine De Reuck ngoba ibhekene nesimo esinzima kwezomnoth­o.

Le kilabhu beyenza imali ebhekile emidlalwen­i yasekhaya njengoba kuphuma nesinedolo nxa idlala ngolwesihl­anu ebusuku.

Ishayeka kanzima njengoba abalandeli bengakavum­eleki ukubuyela ezinkundle­ni.

Amakilabhu ayadinga ukubonelel­wa wuhulumeni ngemali ngoba nawo abamba iqhaza elimqoka ekufukulen­i umnotho wezwe okhahlamez­eke kakhulu emuva kokubheduk­a kwecovid-19 emise kabi umhlaba wonke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa