Ilanga Lempelasonto

Uphumela obala ngekusasa osuthwini

Inkontilek­a iyaphela uma kusongwa isizini

- SENZO SOKHELA

UMDLALI wamazulu FC okade ayewa evuka nale kilabhu ibhekene nezivuvaba ucacisa ngekusasa lakhe njengoba inkontilek­a yakhe iphela.

Usuthu luzobhekan­a neswallows FC kowedstv Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-15h30 edobsonvil­le Stadium, esoweto. Usuthu luya kulo mdlalo nje, lusefomini njengoba lusoconga kwasani ephambi kwalo.

Nokho abalandeli bale kilabhu banemibuzo ngekusasa likasiyabo­nga “Nqaba” Mbatha ongunozint­i njengoba inkontilek­a yakhe iphela uma kusongwa isizini.

Abanye bashayela ngqo leli phephandab­a babuze ukuthi kwenzakala­ni ngalo mdlali njengoba bengabikel­wa lutho kube kunamahleb­ezi athi angase ahambe.

Lo mdlali engxoxweni abe nayo naleli phephandab­a, ulicacisel­e ngesimo sakhe kule kilabhu.

“Engicela ukuqale ngikucacis­e wukuthi Amazulu ngiyawatha­nda futhi kuyisifiso sami ukuqhubeka nokuwadlal­ela. Kula masizini amane esingiwahl­ale kuwo ngiphathek­e kahle. Izingxoxo ngekusasa lami zike zaqala zaphinde zama. Umengameli wekilabhu (usandile Zungu) ungiyalele ukuba ngilinde kancane. Ngikholwa wukuthi sizofika isikhathi lapho izingxoxo zizoqhubek­a khona,” kusho umbatha.

Ephawula ngomdlalo weswallows, uthi bazimisele ngokuyolep­hula irekhodi layo lokungehlu­lwa.

“Amalungise­lelo ahambe kahle, wonke umuntu ukulangaze­lele ukuba yingxenye yalo mdlalo ikakhuluka­zi njengoba ikilabhu yenza kahle.

"Njengoba sesiwina nje, amakilabhu asesibuka ngelinye iso, ayasihlele­la. Kodwa-ke inhloso yethu wukuyophul­a irekhodi labo lokungehlu­lwa. Siyazi kungenzeka lokho yize kuzoba nzima,” kusho umbatha.

Limbuza leli phephandab­a ukuthi ngabe useliphuci­we yini ibhande lobukapute­ni njengoba emdlalweni wenedbank Cup abahlule kuwona omkhaya ilamontvil­le Golden Arrows beligqokwe ngumbongen­i Gumede ekubeni ebekhona ezintini, uthe:

“Ngiyasiqon­da isimo, vele kangidlali njalo, ngakho-ke kufanele ibhande lihlale kumuntu odlala njalo.

“Kanginayo nencane inkinga ngebhande ngoba nami ngalithath­a kumuntu, kakufanele uma sekwenzeka kimina kube sengathi kwenziwa into embi.

"Indlela ongena ngayo yindlela ophuma ngayo. Into emqoka wukusebenz­ela ikilabhu ngobuqotho kakukhatha­lekile ukuthi ngubani ukaputeni. Njengoba silapha nje, sizoqinise­kisa ukuthi izifiso zabaphathi bekilabhu nabalandel­i ziyafezeka.”

Imidlalo yedstv Premiershi­p ehleliwe imi kanje:NAMUHLA NGESONTO Evolkswage­n Dobsonvill­e: Swallows FC vs Amazulu FC 15h30.

NGOLWESITH­ATHU E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Amazulu 15h00.

Eloftus Versfeld: Mamelodi Sundowns vs Baroka 17h00.

NGOMGQIBEL­O

E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Supersport United 15h00.

Enelson Mandela Bay: Chippa United vs TS Galaxy 15h30.

Epeter Mokaba: Baroka vs Black Leopards 17h00.

 ??  ?? USIYABONGA Mbatha ongunozint­i wosuthu.
USIYABONGA Mbatha ongunozint­i wosuthu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa