Isazi sigxeka uhulumeni ngokungaqasheki kwabaneziqu
Ungqongqoshe wezemfundo ephakeme ukhala ngokungayiboni imiphumela yokuxhasa abafundi
UKHATHAZWA ukusebenza kwemali eningi yenational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), ixhasa abafundi abavela emindenini ehlwempu emanyuvesi kodwa bengawutholi umsebenzi uma sebephothule iziqu zabo.
Ungqongqoshe wezemfundo ephakeme kuleli udkt Blade Nzimande uthi abafundi abaningi bagijimela ukufundela imisebenzi eyindlala esikhundleni sokufundela imisebenzi ezobanikeza amathuba angcono okuqasheka uma sebephothulile. Uthi lezi ziqu abazenzayo azilona iqatha elinonile eningizimu Afrika. Uthi abafundi kumele bakubhekisise lokhu.
“Lokhu kwenza ukuba kwande abantu abaningi abangawutholi umsebenzi eningizimu Afrika ekubeni sikhiphe imali eningi KANSFAS sixhasa abantu abangeke bawuthole umsebenzi ekugcineni,” kusho udkt Nzimande.
Uphawula ngalokhu nje, ngolwesibili kuzokhishwa imiphumela kamatikuletsheni, emuva kwalokho kulindeleke ukuba abafundi bathathe uhambo olusha lokuyofundela umsebenzi ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Ngakolunye uhlangothi, umnu Khumbulani Mngadi ongumhlaziyi wezemfundo ozimele ozinze e-university of Kwazulu-natal ehhovisi lokuhlelwa nokuthuthukiswa kolimi kulesi sikhungo, uyihlabe wayihlikiza inkulumo kangqongqoshe.
Uthi lolu daba lungalungiswa yiwona ngqo uhulumeni, izixazululo zilele kuwona. Uthi kulula ukukhuluma uma kusetshenzwa ngokwepolitiki kodwa ngokweqiniso kumele uhulumeni uzinuke wona amakhwapha.
Ngokusho kwakhe, okudala lesi simo ungqongqoshe akhala ngaso wukuthi imfundo ihlukene amaqembuqembu kuleli.
“Ungqongqoshe uqinisile ngenkulumo yakhe kodwa konakala kubona ngqo phezulu ezikhundleni. Into ebalulekile wukuthi sibheke esikufundisayo kusukela emazingeni aphansi.
“Kusuka esigabeni senkulisa kuya phezulu emazingeni emfundo ephakeme, kumele sizibuze umbuzo othi hlobo luni lomfundi esinalo? Hlobo luni lomfundi esiludingayo eningizimu Afrika? Sifuna abafundi abanjani emazingeni ahlukahlukene, kubalwa awamakhono ezandla, amakhono emikhakheni yezobuchwepheshe njalo njalo.
“Kwasekuqaleni bekungamele imfundo iphathwe ngongqongqoshe ababili uma sifuna ukukhiqiza le nto esiyifunayo. Kumele imfundo iphathwe ngungqongqoshe oyedwa bese kuhlukaniswa abaqondisi bakazwelonke ngokwemfundo ngesigaba sayo ngayinye, kuqokwe ababili.
“Uma uhlelo lwezemfundo luhlangene kuyoba lula ukwakha uhlobo lwabafundi esiludingayo ezweni lethu nolufanele umnotho wethu. Isixazululo siphambi kwakhe uhulumeni. Kwamanye amazwe akukhiqizwa abafundi abazoyosebenza kodwa kukhiqizwa abafundi abazolekelela umnotho wamazwe abo kanti thina sifuna abantu abazoyosebenza baqashwe.
“Yingakho sisasele sikleliswe emuva kwamanye amazwe ezwenikazi i-afrika nomhlaba wonke jikelele. Uhulumeni wethu uthatha izinto zamazwe aphesheya ayeke ukubukela emazweni angomakhelwane bethu kwezemfundo.
“Njengamanje ungqongqoshe wasemazingeni aphansi wenza ngeyakhe indlela, nowezemfundo ephakeme enze ngeyakhe - lokho okwenza ukuba sikhiqize uhlobo lwabafundi abazokwenza nemisebenzi abangayazi emanyuvesi,” kusho umnu Mngadi.