USEZOBONAKALA EMDLALWENI WE-ETV OWOZALO
Ngizothola nesikhathi sokuba ngigxile emathwaseni ami...
INKAKHA kwezokulingisa ubaby Cele-maloka obelingisa kuzalo uchaza indawo abeyilingisa njengebinzima futhi imphonsela inselelo zikhathi zonke. Ubaby obelingisa indawo kagabisile ozakhele igama kulo mdlalo kamabonakude otshengiswa phakathi nezinsuku kugamenxe elesi-8 ebusuku kuSABC 1 uthi: “Ugabisile bengimfanisa nomuntu onesigulo sengqondo ngoba ngelinye ilanga usothandweni, abe ngumam’ umfundisi oqotho aphinde abe ngumbulali khona lapho. “Ubengumuntu onolaka okusho ukuthi bekumele ngijule ukuze ngikwazi ukumlingisa kahle,” kuchaza yena ekhuluma ne
LANGA
Langesonto.
Uthi uzokhumbula wonke umuntu abambisane naye kulo mdlalo ikakhulu uqhabanga, usbonelo nomamsi okuyibo akade edlala eduze kwabo kakhulu.
“Ngithi abakwenze kimi bakwenze nakwabanye. Umsebenzi wami bebewenza ube lula ngoba besisebenzisana kahle sibambisene,” kuqhuba ubaby.
Kumanje umatasa nomdlalo otshengiswa kwi-e.tv obizwa ngokuthi Isiphindiselo, okhiqizwa yi-rous House. Kulo mdlalo uzolingisa indawo kathabile.
“Yindawo ehluke kakhulu kunale ebengiyilingisa kuzalo. Uthabile wehlukile, uphansi futhi uwuthisha. Impilo yakhe ishintsha esithubeni ngesikhathi umyeni wakhe eba sengozini yemoto. Uphelelwa yithemba ngempilo kuze kube usizwa yizingane zakhe, zimumise idolo,” echaza.
Uthi njengoba engasekho kuzalo uzothola nesikhathi sokuba agxile obizweni lwakhe lokuba yisangoma.
“Ngizothola nesikhathi sokuba ngigxile emathwaseni ami. Kubalulekile ukuba izingane zami zasedlozini ziphothule, ngoba amadlozi azo azithumela kimina, kumele ngenze ubulungiswa,” kuphetha yena.
Ubaby uthi uzoba matasa njengoba esethole ikhefu. Kanti futhi unezicelo zakweminye imidlalo engakaqali ukushutha.
Ubonge kakhulu abalandeli bakhe wabacela ukuba baqhubeke nokumkhombisa uthando nakweminye imidlalo asazobonakala kuyo.