OPHROMOTHA BESIBHAKELA NESIBOPHO SOKUQIKELELA UKUHLONISHWA KWEMIGOMO YE-COVID-9
KUMQOKA kakhulu ukuthi ophromotha besibhakela bayilandele yonke imigomo abanikwa yona yokuqinisekisa ukungasabalali kwecovid-19 nxa behlele imiqhudelwano. Isibhakela sigunyaziwe ukuqhubeka yize izwe lisesigabeni sesithathu sokuvalwa, kodwa miningi imibandela okumele siqhubeke ngaphansi kwayo.
Isimo sibe muncu ngeledlule Kwanongoma kukhanselwa izimpi ngemizuzu yokugcina ngenxa yokuvela kokuthi sekukhona abahaqwe yicoronavirus edala icovid-19.
Kubona bekukhona nothulani “Nkunzi” Magudulela weludonga Boxing Promotions ebihlele lezi zimpi. Kugcine kumenele lo phromotha okuyinto eshiye abesibhakela bekhungathekile. Ufihlwe izolo Kwanongoma.
Amabhokisa, izimenenja abaqeqeshi nabanye ababa yingxenye yezimpi, kumele bahlolelwe leli gciwane ngaphambi kokuyovalelwa kwi- bio bubble. Kumele bayozivalela ndawonye seyaziwa imiphumela yokuqala, bese bephinda behlolwa nxa sebendawonye.
Izinhlamba ezibhekiswe kuCindy Nkomo oyisikhulu esiPhezulu esibambile kwiboxing South Africa (BSA) kaziwakhi nhlobo umqondo.
Ucindy ubethukelwa ukuthi IBSA ikhansele izimpi abesibhakela abebefuna ziqhubeke ngenkani.
Namanje ngisazibuza ukuthi bathini-ke labo abebekhipha izinhlamba njengoba lesi sifo sigcine sidlule nomagudulela okunguyena obehlele izimpi.
Umthetho WEBSA ukubeka kucace ukuthi uphromotha nguyena muntu wokugcina okumele aphume endaweni okusingathelwe kuyona izimpi. Bezizoqhubeka kanjanike izimpi zakwanongoma ekubeni umagudulela ubesezivalele yedwa endlini ( self isolation) ukugwema ukusabalalisa lo mkhuhlane?
Ophromotha yibona abanesibopho sokuqinisekisa ukuthi imigomo yokunqanda lesi sifo iyalandelwa. Iyancomeka indlela aqhuba ngayo uzandile Malinga westarline Boxing Promotions ehlela izimpi ezizokuba ngempelasonto esiya kuyona ethekwini.
Abantu abaningi sebehloliwe, futhi uxhumana njalo neCompliance Officer ejutshwe ukubhekelela ukuthi iyalandelwa yini imigomo yecovid-19.
Kungaba kuhle nabanye ophromotha abasazohlela izimpi bakwenze lokhu. Kumele iphutha liqhamuke ngokuzuma, hhayi ngobudedengu babantu.
Okubuhlungu wukuthi nxa kukhanselwa umqhudelwano kuba kuningi okuphazamisekayo. Amabhokisa asuke esechithe isikhathi elungiselela ukulwa bese engakhokheleki kahle. Imali efakwa nguphromotha kwibsa iyacwila ngoba kusuke kuzonxeshezelwa ngayo amabhokisa.
Okubuhlungu-ke wukuthi izimpi eziningi kulesi sifundazwe zesekwa ngemali yomnyango Wezemidlalo oholwa nguHlengiwe Mavimbela.
Kakukuhle ukuthi kulokhu kucwila imali esetshenzelwa kanzima ngabakhokhi bentela abazikhandla kanzima, besebenza ngaphansi kwesimo esinzima sokubhilita kwecovid-19. Ngakho-ke ophromotha okumele baqikelele ukuthi kazikhanselwa izimpi zabo.