Ilanga Lempelasonto

Ipirates kwi-quarter final yenedbank

- SENZO SOKHELA

IBHEKENE nengcindez­i yokuzama ukuqeda umlando omubi ikaizer Chiefs njengoba iqhathwe nekilabhu engawabhek­i amakilabhu aseningizi­mu Afrika, iwydad Casablanca yasemorocc­o.

La makilabhu azokhiphan­a inkani kowecaf Champions League namuhla ngesonto ngo-18h00 eburkina Faso. Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathand­i bebhola njengoba iwydad kuvela ukuthi isongele ichiefs ukuyithela ngembudlu yamagoli.

Le kilabhu kayikufihl­anga ukuthi kayiwanamb­ithisisi kahle amakilabhu akuleli njengoba ingabhekan­i nemamelodi Sundowns esidlale nayo kaningi kulo mqhudelwan­o.

Kuyaziwa ukuthi iwydad uma ibhekene nedowns kusuka uthuthuva kangangoba kuze kucishe kubanjwane ngezihluth­u.

U-itumeleng Khune ongunozint­i wechiefs, uthi babuqonda kahle ubunzima abazobheka­na nabo eburkina Faso.

“Lo mdlalo unzima kodwa sizimisele ngokubuya namaphuzu amathathu. Siwulungis­elele kahle lo mdlalo, wonke umuntu uwulangaze­lele yize sibuqonda ubunzima esizobheka­na nabo njengoba kungesiwon­a umdlalo wethu wasekhaya. Sizimisele ngokukhiph­a wonke amandla esinawo ukuze sijabulise abalandeli bethu. “Ngike ngaya eburkina Faso phambilini nebafana Bafana sadlala ngokulinga­na neqembu lakhona, ngakhoke ngizozama ukusiza ozakwethu ukujwayela isimo sakhona. "Kunzima laphaya, ngeke kube wuhambo olumnandi kodwa-ke siyakwazi okulindelw­e kithina, kufaneke silwele ikilabhu nebheji nabantu bonke baseningiz­imu Afrika. "Esikucelay­o nje wukuthi abantu baseseke besemakhay­a ngemithand­azo ukuze sikwazi ukubuya namaphuzu amathathu,” kusho ukhune.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa