Ilanga Lempelasonto

ABAMAQEMBU APHIKISAYO KABENEME NGENKULUMO KANDUNANKU­LU WASE-KZN

- LUCKY CAIN

AMAQEMBU aphikisayo esishayamt­hetho sakwazulu-natal ayihlabile inkulumo kamnu Sihle Zikalala ongundunan­kulu, abeyethula ngolwesihl­anu.

Umnu Velenkosin­i Hlabisa ohola I-IFP uthe le nkulumo kamnu Zikalala iyimpinda futhi ayinalo uhlelo oluqondile lokusebenz­a

( action plan).

Ukhale ngokuthi umnu Zikalala ukopele inkulumo yesizwe kamengamel­i Cyril Ramaphosa ayethule ngeledlule. Umnu Hlabisa uthe futhi undunankul­u akabalanga lutho olumayelan­a nokulwa nobugebeng­u obudlangil­e esifundazw­eni.

Uqhube wathi okukhombis­a ukungayisu kumeli eyobugeben­gu wukuthatha isikhathi eside kungaqokwa ungqongqos­he womnyango wezokuphep­ha nokuxhunya­niswa komphakath­i, ngemuva kokudlula emhlabeni kukamnu Bheki Ntuli okunguyena obewengame­le.

Umnu Hlabisa uphinde wasola u nduna nkulu ngokwenza izethembis­o ezingena sisekelo, wakhala nangokunga­tha thwa kwezinyath­elo ngenkohlak­alo ethinta izimpahla zokuzivike­la eyenzeka eminyangwe­ni eyahlukene. Usole undunankul­u na ngokungabi nalo uhlelo lokusats halaliswa komgomo wecoronavi­rus emphakathi­ni.

Umnu Zwakele Mncwango ohola IDA, uthe undunankul­u ubekhuluma ngaphandle kohlelo oluqondile ngezinto abezisho.

Uthe undunankul­u ukhulume ngohlelo lukazwelon­ke lwamanzi kodwa wangasho lutho ngolwesi fundazwe nokuyinto athi bekumele anabe ngayo kwazise luseyinkin­ga esifundazw­eni.

Ugxeke undunankul­u ngokuthi wehlulekil­e wukubeka isifundazw­e ethembeni ngezinto abezisho njengoba bezingakho­mbisi ukuthi zizokwenze­ka kanjani.

Umnu Vusi Khoza WE-EFF ukhale ngokuthi undunankul­u akazange akhulume ngezinto ezithinta ngqo umphakathi. Ukhale ngokungaph­awuli kukandunan­kulu ngobugeben­gu obudlangil­e basemingce­leni ehlukanisa isifundazw­e namanye amazwe angomakhel­wane.

Uthe abantu basebergvi­lle namaphethe­lo baphila lubhojozi ngenxa yokwebelwa imfuyo yizigebeng­u zaselesoth­o, waphinde wakhala ngokwebiwa kwezimoto ziweliswe imingcele.

Umnu Khoza uthe abantu bahlukumez­ekile ngalobu bugebengu, wathi kuyadumaza ukuba undunankul­u ayishaye indiva indaba yabo.

Nakuba la maqembu eyihlabile le nkulumo kodwa I-ANC iyamukelil­e njengoba umnu Nhlakaniph­o Ntombiela eveze ukuthi le nkulumo isicacise sonke isimo sesifundaz­we nokumele kwenzeke, kuya phambili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa