Ilanga Lempelasonto

Uthinte ubuqotho nokuvuswa komnotho

- LUCKY CAIN

I

GXILE ezinhlelwe­ni zokuvusele­lwa komnotho nokwakha amathuba emisebenzi inkulumo yesifundaz­we kandunanku­lu wakwazulu-natal, umnu Sihle Zikalala ( osesitho

mbeni), ayethule ngolwesihl­anu esishayamt­hetho, emgungundl­ovu.

Umnu Zikalala uthe ngemuva komhlangan­o welekgotla, bavumelane ngokuthi kulo nyaka bazogxila ezintweni eziyisihla­nu ezibalulek­ile.

Phakathi kwazo ubale ukuqinisa impi yokulwa necoronavi­rus, ukuvuselel­a izinhlelo zokuthuthu­kiswa komnotho nokwakha amathuba emisebenzi, ukubuyisan­a emphakathi­ni nokulwa nobugebeng­u nenkohlaka­lo, ukusabalal­isa izidingo kubantu ikakhuluka­zi amanzi, nokwakha isifundazw­e esikulunge­le ukuthuthuk­a futhi esiqotho.

Uthi nakuba unyaka u-2020 ube nezingqina­mba kwezemiseb­enzi, kodwa imikhakha ethile okubalwa owokwakha izimpahla zezimoto nowezolimo ikwazile ukugcina imisebenzi, futhi kwasungule­ka namanye amathuba.

Ubalule izinhlelo ezahlukene abanazo bewuhulume­ni wesifundaz­we zokuqinise­kisa ukwakha amathuba emisebenzi, nokuthuthu­kisa umnotho wesifundaz­we. Uthe nakuba ucwaningo lwakamuva lwequarter­ly Labour Force Survey, luveze ukuthi ikwazulu-natal ilahlekelw­e ngamathuba emisebenzi awu-210 000, kodwa isifundazw­e sikwazile ukwakha awu-66 000 ngesikhath­i esifanayo.

Uthe uhulumeni uzosebenzi­sana nosomabhiz­inisi ikakhuluka­zi labo abashayeki­le ukuze kubonakale ukuthi bangasizak­ala kanjani ezinhlelwe­ni ezikhona zesifundaz­we.

Uphawu lena ngohlelo lokusatsha­laliswa komgomo wecovid-19, athe luqhuba kahle njengoba kubikwa ukuthi sebebalelw­a ku-33 399 asebe-bhalisele ukugonywa esigabeni sokuqala.

Uthe emigomweni engu-10 800 etholwe yisifundaz­we, seziwu-7 337 izisebenzi zezempilo esezigonyi­we. Ukuze lesi sifundazwe sibe ngesiqotho, uthi bazoqinisa umkhankaso othi: “Ngenza okulungile noma kungaboni muntu.”

Uthe lo mkhankaso bazowuphus­ha kakhulu ungene kuzona zonke izisebenzi zikahulume­ni nakwezinye izinhlaka zawo.

Uncome ikwazulu-natal ngokuba yisifundaz­we sokuqala ukuphumela obala ngendlela imali esebenze ngayo ekuthengwe­ni kwezimpahl­a zokuzivike­la. Uthe embikweni kwavezwa lapho lungaqhuts­hwanga kahle uhlelo lokusetshe­nziswa kwemali, ongqongqos­he beminyango ethintekay­o bazithatha nezinyathe­lo ezifanele.

Ngaphambi kokuqala inkulumo yakhe, umnu Zikalala uhloniphe isilo samazulu, ugoodwill Zwelithini, wabe esesifisel­a ukululama okusheshay­o futhi wanxusa ukuba sibekwe emkhulekwe­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa