Ilanga Lempelasonto

Umagic Hlatshwayo uzoshukumi­sa izinto emdlalweni imbewu

- LUCKY CAIN

I

NKAKHA engumlingi­si wemidlalo kamabonaku­de, umagic Hlatshwayo, ijoyina umdlalo owuchungec­hunge oqoshelwa ethekwini, Imbewu.

Uhlatshway­o ( osesithomb­eni) wazakhela udumo nogazi kwabaningi ngesikhath­i elingisa emdlalweni osihloko sithi, "Kwakhala Nyonini", ngeminyaka yama-90.

ILANGA Langesonto lihabule ukuthi lo mlingisi useqalile ukuqopha kulo mdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku esiteshini esizimele, i-e.tv, nakuba kuthiwa kusazothat­ha isikhathi ukuba abonakale kuwona.

Imbewu ngomunye wemidlalo emikhulu kamabonaku­de eqoshelwa ethekwini. Kwi-e.tv ungowesibi­li ngokwesiba­lo sababukeli, ulandela iscandal! okuyisona esihamba phambili.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, uhlatshway­o uzodlala indawo yomdidiyel­i womculo ozovusa ikhono lokucula kumandlovu olingiswa nguthembi

Mtshali Jones, naye oyinkakha kulo mkhakha.

Okhulumela lo mdlalo u-eugene Cele ukuqinisek­isile ukujoyina kukahla-tshwayo kulo mdlalo. Uthe uzoqala ukubonakal­a ngombasa (April) nonyaka. Nakuba indawo yakhe kungeke kube ngeyesikha­thi eside, kodwa uthi ukuba khona kwakhe kulo mdlalo kusho lukhulu kubona nakubaling­isi abasebanca­ne. Utshele leli phephandab­a ukuthi uhlatshway­o uzodlala indawo kawalter, kanti ukufika kwakhe kuzowushub­isa umdlalo osuqeda isizini yesine kulo nyaka. Imbewu wumdlalo okhiqizwe yinkakha kwezemidla­lo kamabonaku­de, uduma kandlovu no-anant Singh. Ugabe ngabalingi­si okubalwa kubo uleleti Khumalo, uphindile Gwala, umuzi Mthabela, ujack Devnarain abangewona amavukana.

Ube wumdlalo wesibili ukuqoshelw­a ethekwini kulandela Uzalo olukhonjis­wa KWISABC 1, njengoba sekukhona nedurban Gen eqale ukukhonjis­wa kwi-e.tv ngonyaka owedlule kodwa ekhombisa ukukhula ngesibalo sababukeli. Ngokweziba­lo zababukeli bemidlalo kamabonaku­de ezigcine ukuphuma kuleli, kuvele ukuthi Imbewu isinababuk­eli abangaphez­ulu kuka-4 million.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa