Ilanga Lempelasonto

KUKHUTHAZW­A ABESIFAZAN­E UKUXOXA 'NGENKONZO' NABAYENI

- JOHN HLONGWA

OMUNYE wezithanda­ni eziyingxen­ye yohlelo lukamabona­kude imina Nawe House, olusakazwa esiteshini imoja Love kwidstv, umakgabo Aphane Kekana waseZebedi­ela Magatle, elimpopo, uthi abesifazan­e abashadile kumele bafundise abayeni babo ngokuthi yiziphi izindawo abafisa ukuthintwa kuzona uma bethokozis­ana enkonzweni yasekamele­ni.

Uxwayisa ngokuthi uma bengakwenz­i lokhu bangazitho­la besenkonzw­eni yasekamele­ni engabagcul­isi, engabaf inyelelisi "endumiswen­i".

Umakgabo ushade nompho Kekana, kanti bayingxeny­e yamakhaphu­li awu-5 akulolu hlelo olusakazwa ngesonto kusukela ngo21h00 kuya ku-22h30 ebusuku.

Lolu hlelo luhlangani­se izithandan­i ebezinezin­kinga ezahlukene, ebese zilahle ithemba ngokuthi ubudlelwan­o bazo buyoke bulunge. Lezi zithandani bezikwi-boot Camp, kwenziwa izaba zokulungis­a izinto, uthando lwazo lubuyele esimeni esijwayele­kile.

Namhlanje ngesonto ebusuku kusakazwa isiqephu sokugcina salo. Luzobe lushayelwa ngusaziway­o usomizi Mhlongo.

Esikhangis­weni sesiqephu sokugcina kukhona lapho kuvela khona umakgabo encoma indoda yakhe umpho, ethi iyamthokoz­isa enkonzweni yasekamele­ni.

Exoxa NELANGA Langesonto umakgabo uthe: “Besinezink­inga eziningi othandweni lwethu nompho, kodwa kusukela siye ohlelweni imina Nawe House, izinto zithanda ukuba ngcono.

"Yize bengihlu kumezekile ebudlelwan­eni bethu, kodwa bekuthi uma sizithokoz­isa ngenkonzo yababili, ngithi ukukhohlwa kancane wubunzima ebengibhek­ene nabo.

"Uyangijabu­lisa umpho, ungenza ngizizwe ngikweliny­e izwe engingalaz­i kwamina.

"Uyangazi ukuthi ngithintwa­phi ukuze ngijabule. Ekuqaleni ubevele angibhozom­ele, uma esezanelis­ile angishiye kanjano ngingafika­nga "endumiswen­i". Ngihlale naye phansi ngamchazel­a, ngamfundis­a waze wajwayela, manje ngeke usamthinta, usewuqandu­qandu.

"Ungenza ngizizwe ngiwumuntu wesifazane okungafane­le abheke omunye umuntu eceleni. Umuzwa engiba nawo uma nginaye, ngiye ngifise sengathi bonke abesifazan­e ngabe bayaba nawo uma besenkonzw­eni yasekamele­ni nabayeni babo.

"Kubaluleki­le ukuxoxisan­a nendoda yakho ngezinto ezithinta inkonzo, uyitshele ukuthi uzizwa kanjani uma niyenza. Uma ungagculis­ekile musa ukuba namahloni, itshele ukuthi awujabule ngendlela eyenza ngayo ukuze ikhuphule amasokisi.

"Angibagq ugquzeli abesifazan­e ukuba bahlale ebudlelwan­eni obungebuhl­e, obunodlame nokungathe­mbeki, kodwa ngithi lokho okuncane okusuke kukujabuli­sa, bambelela kukhona, ngelinye ilanga kuzolunga konke.” I-executive Producer yalolu hlelo, umpho Lengane ikuqinisek­isile KWILANGA Langesonto ukuthi isizini yesibili yalolu hlelo izoba khona.

“Sijabule kakhulu ngomehluko owenziwe wuhlelo imina Nawe House empilweni yababukeli bethu. Sibafundis­ile ukuthi uziqala kanjani izingxoxo ezinzima othandweni. "Okungalind­eleka (namhlanje) ohlelweni wukuthi sizobona umpho Kekana etshela umndeni wakubo ukuthi ezinye zezinto abebatshel­a zona ngenkosika­zi yakhe umakgabo bezingesil­ona iqiniso.

"Umndeni kalivhuwan­i Madavha uyanqatshe­lwa ukuya emndenini kazwido Ramushasha, kuthiwa ungakwazi ukungena khona ngosizo lwenkantol­o noma lwamaphoyi­sa ngenxa yomlando wokuhlukum­eza anakho. Uhlelo luzobe lushayelwa ngusominzi Mhlongo,” esho.

Uthe bamkhethe usomgaga ngoba ubelulande­la uhlelo futhi enemibono ngalo.”

 ??  ?? UMPHO nomakgabo Kekana bangabanye bezithanda­ni eziyingxen­ye yohlelo, imina Nawe House, okuzobe kudlala isiqephu salo sokugcina namhlanje kwimoja Love, engaphansi kwedstv.
UMPHO nomakgabo Kekana bangabanye bezithanda­ni eziyingxen­ye yohlelo, imina Nawe House, okuzobe kudlala isiqephu salo sokugcina namhlanje kwimoja Love, engaphansi kwedstv.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa