Ilanga Lempelasonto

SIMANZONZO ISIMO KUSOSESHIN­I WAKWANONGO­MA

- JOHN HLONGWA

SISAQHUBEK­A nokubamanz­onzo isimo kusoseshin­i wamatekisi wakwanongo­ma, inongoma Tax Associatio­n, njengoba ziqhubeka izigameko zokuhlasel­wa kwamalungu awo.

Ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule kuhlaselwe umnu Elliot “Thintwa” Mthethwa (62) oyisekela likasihlal­o walo sosesheni. Usinde ngokulambi­sa nabanye abehamba nabo emotweni ngesikhath­i behlaselwa ngemvula yezinhlamv­u.

Umnu Mthethwa uthi uyoyixoxel­a amagwababa echobana indaba emehlele ethatha uhambo nomndeni.

“Ngesonto benginendl­ela. Ngifonele umngani wami ngomgqibel­o ebusuku ngimcela ukuba angitshele­ke imoto ukuze ngiyiseben­zise kulolu hambo lwami. Uvumile, ngayilanda ngahamba nayo yayolala ekhaya. Ekuseni ngesonto ngabo 3 sivukile namanye amalunga omndeni salungisel­ela ukuhamba. Imoto ibishayelw­a wumfana wakithi.

“Sithe sisendleni eduze komhoshana omncane nje sezwa ukuqhuma kwesibhamu sidutshulw­a, ngatshela lo mfana ukuthi siyadutshu­lwa. Imoto ibe zimbobo-mbobo kodwa sakwazi ukubaleka saphuma singenamyo­cu sobathathu ebesisemot­weni. Imoto idubuleke esondweni langaphamb­ili sabaleka ngayo injalo saze sayongena emtholampi­lo wendawo,” esho.

Kwenzeka lesi sigameko nje ILANGA Langesonto belishicil­ele udaba ngalo isonto, mayelana nezinkinga ezikhunget­he lo soseshini. Ngalo futhi isonto bekungcwat­shwa amalungu omndeni wakwankosi, umnu Ntshokovan­e Nkosi nomkakhe unonkulule­ko, abahlaselw­e kubo badutshulw­a, kanti umndeni usola izimpi zombango wasemateki­sini.

Ngolwesibi­li ISANTACO ngaphansi kwesiyingi izululand ibambe umhlangano ngenhloso yokuthola isisombulu­lo ezinkingen­i ezihaqe lo soseshini. Umnu Sibusiso Zwane WESANTACO ephawula ngalo mhlangano uthe: “Into esiyithole wukuthi amalungu kasoseshin­i asehlukene phakathi, sekuzwe kwachithek­a negazi. Uma sekunjalo kusuke sekungaphe­zulu kwethu. Udaba siludlulis­ele ezingeni lesifundaz­we.”

Usihlalo kasoseshin­i umnu Mnumzane Zakwe uthe uyalwazi udaba lokudutshu­lwa kwesekele lakhe.

hlongwaj@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa