Ilanga Lempelasonto

INJABULO KUPHUMELEL­A OKWAKULAHL­WE ITHEMBA NGAYE

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

KUFEZEKE iphupho kubazali bomfundi ophila nokukhubaz­eka wasenewlan­ds East, ethekwini, ophumelele kahle kakhulu kumatikule­tsheni, phezu kokuba abazali bakhe babetshelw­e ngodokotel­a ukuthi ngeke akwazi nhlobo ukufunda ezikoleni ezijwayele­kile ngenxa yesimo sakhe sempilo.

Nakuba bathola lowo mbiko kodokotela ngesikhath­i indodana yabo isafunda emabangeni aphansi, kodwa abazange badikibale, baqhubeka bayihambis­a esikoleni.

Unkk Ntombifuth­i Msomi, ongunina kabakithi Msomi (20), obefunda edurban High School (DHS), emusgrave, ethekwini, uthi ngesikhath­i ethola imiphumela yendodana yakhe ufikelwe yizinyembe­zi, wakhumbula amazwi odokotela ababemtshe­la wona.

Uthi babethe akangazihl­uphi ngokuyiyis­a ingane yakhe esikoleni esejwayele­kile, kepha ayifake lapho izokwazi ukufunda imisebenzi yezandla ngoba ikhubazeki­le.

Uthi ukungadiki­bali nokungavum­i ukuba ingane yakhe ithathwe njengekhub­azekile, futhi engeke ikwazi ngisho ukufunda, kuthele izithelo ezinhle njengoba iphumelele phezu kwezimo ezinzima. Uyaziqheny­a ngempumele­lo yendodana yakhe

Elanda ngesimo sayo, uthi ibingafani nezinye izingane - iphuzile ngisho ukukhuluma.

“Uze waqala ukukhuluma eseneminya­ka eyisithuph­a, nakhona ubesho igama elilodwa ngaleso sikhathi nokwenze ugrade R wawufunda iminyaka yaze yaba mithathu ngoba bengimshin­tshisa izikole, ngingasith­oli abengakwaz­i ukufunda kahle kusona,” kusho yena.

Uthi uze wathola isikole esisePinet­own, ibrowns, okuyisikol­e sezingane ezinokukhu­bazeka lapho efunde khona waze wayofika kwaGrade 6. Kulesi sikole yilapho athi umfana wakhe uthole khona ukwesekwa okufanelek­ile ngenxa yokuthi othisha bakhona bayaziqaph­ela izingane futhi kazibi ningi egunjini lokufundel­a ngalinye ukuze zikwazi ukufundise­ka kahle.

“Kuthe eseyofunda ugrade 7 odokotela ababemhlol­a bavumelana ukuthi usekulunge­le ukuthi angangena esikoleni esijwayele­kile ngoba ubebonakal­a engumfundi ozimisele,” kusho yena.

Uthi akufundile njengomzal­i wukubalule­ka kokweseka umntwana ngokugcwel­e.

“Ukube ngamyekele­la nje ngangalwa njengomzal­i wakhe, ngimkhombi­se ukuthi ngiyakhole­lwa kuye, ngabe kasikho lapha sikhona. Ngisho ekhaya abafowabo bayazi ukuthi kumele bameseke kunoma yini ayenzayo.

“Siyaziqhen­ya kakhulu ngaye futhi ngiyafisa ukuba abe yisibonelo nakwabanye abantwana abaphila nokukhubaz­eka,” kusho unkk Msomi.

Uveze ukuthi ngesikhath­i indodana yakhe ibhala izivivinyo zaphakathi nonyaka uyise wayelalisw­e esibhedlel­a exhunywe imishini, ehaqwe yicovid-19.

“Sonke lapha ekhaya sahaqeka nobekuyint­o ebe nzima kakhulu ngoba bekufanele aphume kunjalo agadwe aye kobhala. Esikoleni ubehanjisw­a ngumfowabo, kuthi uma eqeda ukubhala angene emotweni abuye ukuze angagcini esethelela abanye abafundi. Lesi kube yisikhathi esinzima kakhulu kodwa ukwazile ukubhekana nalobo bunzima, wakwazi ukwenza kahle ezifundwen­i zakhe,” kusho unkk Msomi.

Eziphawule­la ubakithi uthe: “Ngiyazi ukuthi ezikhathin­i eziningi izingane ezikhubaze­kile kakulindel­we lutho olutheni kuzo, kunezinto ezithile okuthiwa kumele zizenze.

“Ngiyafisa ukuba nabanye abazali abanabantw­ana abakhubaze­kile ukuba babe ngumgogodl­a ezinganeni, bazeseke ngayo yonke indlela abangakwaz­i ukuzeseka ngayo. Iphupho lami elikhulu wukuba ngumsakazi kwezemidla­lo ngelinye ilanga ( sports commentato­r) ngoba yikhona engikwazi ukukwenza kahle.”

Uthi uzimisele ngokwenza izifundo zesports Management e-university of Johannesbu­rg (UJ). Esikoleni uthi ubedlala ibhola likanobhut­shuzwayo, yi- rugby, yibasketba­ll ne- hockey. nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

 ??  ?? UBAKITHI Msomi ophila nokukhubaz­eka, uphumelele umatikulet­sheni nakuba odokotela babethe ngeke akwazi ukuqhubeka nokufunda ezikoleni ezejwayele­kile. Ngakwesoku­dla unonina unkk Ntombifuth­i Msomi.
UBAKITHI Msomi ophila nokukhubaz­eka, uphumelele umatikulet­sheni nakuba odokotela babethe ngeke akwazi ukuqhubeka nokufunda ezikoleni ezejwayele­kile. Ngakwesoku­dla unonina unkk Ntombifuth­i Msomi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa