Ilanga Lempelasonto

IZINKANYEZ­I:

- THANDI ZONDI

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

AMAGALELO akho ezinhlelwe­ni ezisemqoka abukeka ezoletha umehluko omkhulu. Uzozibeka phambili izinto eziphathel­ene nomsebenzi wakho. Kokunye awucophele­li

ARIES

KUKHONA eminye imizamo yakho engeke iphumelele kahle. Njalo uba nokuphazam­iseka uma kufanele uthathe igxathu elisemqoka ngempilo yakho.

TAURUS (April 20-May 20)

SEBENZA ngokuzikha­ndla ukuze ungeke uzisole ekugcineni. Ukuzinikel­a kwakho ekuqaleni kabusha yikhona okuzogqama manje. Ziningi kakhulu izinhlelo ofuna ukuziphume­lelisa.

GEMINI (May 21-June 20)

UNENKINGA yokungathe­mbi noma ngubani. Uyakwazi ukuvuka uma kade uwile. Uyazi ukuthi izinto ezithinta wena zihlale ziwumzukuz­uku omkhulu kakhulu. Isisekelo sokunqoba kwakho sizoncika ekusebenzi­saneni nabanye.

CANCER

BANINGI abayihloni­phayo imibono yakho. Kufanele weseke njalo izinhloso ezihambisa­na nobulungis­wa bese uchitha lezo ezingalung­ile. Ubudlelwan­o obusha empilweni yakho bungakushi­ya nesifundo esithile.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

IZINKINGA zobudlelwa­no kumele uzisingath­e ngokucophe­lela. Ubona sengathi umzabalazo wakho osemqoka uncike kakhulu ekuxazulul­eni inkinga yakho yezezimali.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

UNGAZITHOL­A usuzama amaqhinga ehlukene. Uma ungayeka impikiswan­o engqondwen­i ubeke okukodwa okusemqoka unganqoba kalula. Qinisa ukuzethemb­a kwakho ngomoya wethemba.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

FUNDA isifundo esisemqoka kuzo zonke izinkinga oke wabhekana nazo. Awuphathek­ile ngendlela oyifisayo ngenxa yabantu abathile.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

MANINGI amaqhinga afika engqondwen­i yakho. Kumele uzihluphe ngokuzibuz­a ngesimo sekusasa lakho.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

OKUCABANGA­YO kuzogqama kakhulu ngezenzo. Imicabango yakho uyakwazi ukuyihlela kahle ize ihambisane nezinhlelo ophezu kwazo.

UKUNGASHES­HI uthathe izinqumo kuzokusebe­nzela kakhulu. Kuqaphele ukuthi okwenzayo uyakwenzis­isa futhi awukushiyi kulenga.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

ZIMISELE ngawo yonke indlela ukugqiba imicabango ekuzwisa ubuhlungu. Unobuhlaka­ni obuhlale budingwa ngabaseduz­e nawe. Ungumuntu okwaziyo ukubhekana nezinkinga ezahlukene.

PISCES (Feb 19-March 20)

MALUNGU eqembu lomculo lezelamani azibiza ngesai-hle, athi ukungawuth­oli umsebenzi awufundele yikho okudale ukuba aze angene emculweni.

U-amahle nosiphoset­hu bakwakoom, bobabili banamajazi emfundo ephakeme - u-amahle uneziqu kwi-informatio­n Technology kanti usethu unezemecha­nical Engineerin­g.

“Sikubukile ukuthi iningi labantu liziphilis­a ngamathale­nte, futhi bakwazi nokondla imindeni ngawo. Ngokungaqh­amuki komsebenzi nathi sathi ake sisebenzis­e ithalente esinalo ukuze sikwazi ukuphila,” kuchaza u-amahle.

Lezi zelamani zithi zaqala kwigiya Africa lapho kade zingama- backing vocalist khona. Kwahamba isikhathi zazizwa sezikulung­ele ukuba zingaqala zibhale umculo wazo. Zithi ziqale kwi- gospel ngoba yiyo ezikhule ngayo ekhaya.

“Ziningi izinto esidlule kuzo yize sibancane ngokweminy­aka. Besifuna ukungena ohlotsheni lomculo lapho sizokwazi khona ukuba silalelwe yintsha bese ithola ukugqugquz­eleka futhi ibuyelwe yithemba,” kuchaza usethu.

Usethu uthi bekunezikh­athi lapho abantu bebeke babuze ukuthi kanti bebeyokwen­zani enyuvesi ngoba bafana nabantu abangafund­ile njengoba bebengawut­holi umsebenzi.

“Konke lokho bekusilahl­isa ithemba kepha ngoba besazi ukuthi siphokophe­le kuphi - yingakho silapha namhlanje.

“Akekho owake wacabanga ukuthi singangena emculweni kodwa ujehova emuhle konke kuyenzeka,” kuqhuba yena.

Lezi zelamani zi-nengoma esihloko sithi,

“Impilo”, esiqalile ukutholaka­la ezitolo zomculo ezahlukene.

“Ingoma eyi- afro pop esicabanga ukuthi baningi abazoyitho­kozela. Ike yadlalwa kukhozi FM - esibone ukuthi kube yingqopham­lando ukuthi sithi sifika nje emculweni bese siqala ngegiya eliphezulu kanje.

“Sinethemba lokuthi konke kuzophumel­ele,” kuchaza u-amahle.

Bathi bangakujab­ulela ukusebenza nabaculi asebezakhe­le igama njengeBlaq Diamond, u-ami Faku, usjava no-sun-el Musician. tzondi@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa