Ilanga Lempelasonto

Abakwalong­cast bahlobana nabesizwe samazulu

- BONGINKOSI ZONDI

EZINYANGEN­I ezimbalwa ezedlule iphephanda­ba ILANGA elinguzakw­abo WELANGA Langesonto, livezele abafundi kafushane ngokunye obekwenzek­a ngesikhath­i isilo ucetshwayo siboshiwe ecape Town, okuwuhlang­othi lomlando okungabiki­we kakhulu ngalo.

Lo mlando ILANGA laliwethek­ele emazwini esendlalel­o sencwadi esihloko sithi, “King Cetywayo Zulu Dictionary”, elotshwe ngumnu Robert “Lubhembedu” Samuelson owayengomu­nye wotolika besilo ucetshwayo, sona esasimbiza ngolobede.

Namuhla sibheka umlando nolibo lomndeni kamnu Henry William Longcast, naye owaba wutolika wesilo umpande nomntwana ucetshwayo, kanjalo nangokuxhu­mana kwakhe nabantu bakwazulu njengoba silandiswa ngunkk Ingrid Margaret Matilda Filand (umacollins) oyisizukul­wane sesine sikamnu Henry William Longcast.

Unkk Ingrid Filand osicobelel­a lo mlando uthi uhenry wayehlala eshowe ngesikhath­i isilo umpande nomntwana ucetshwayo besahlala khona futhi eselwazi ulimi lwesizulu, okwenza wagcina esengutoli­ka waso.

Wabuye waba ngutolika wesilo ucetshwayo sesiboshiw­e ecape Town ekupheleni kwempi kazulu namangisi.

ULIBO LOMNDENI WAKWALONGC­AST

Umlando wolibo lwalo mndeni unkk Filand uwuqala kusukela kukhokho wabo engilandi ujohn Longcast nomkakhe usara. Laba ngabazali bakawillia­m Longcast owazalwa ngo-1820.

Kwabo kawilliam babebane, abafana ababili namantomba­zane amabili.

Uwilliam Longcast lona waboshwa kwathi yena nezinye iziboshwa eziwu-218, bafakwa emkhunjini mhla ka-30 kulwezi (November) 1840 bathunyelw­a esiqhingin­i esise-australia, itasmania, lapho bafika khona mhla ka-30 kunhlaba (May) 1841.

Badonsa isigwebo seminyaka ewu-7 nokwathi uma besiqeda babuyiswa ngomkhumbi behliswa ecape Town. Yena wahamba waze wayofika epietermar­itz burg lapho wafika wahlala endaweni engu-100 acres owayeyikho­khela irenti.

Wayehlala emzini okwa-no. 6 Loop Street, namuhla lowo mgwaqo osubizwa ngojabu Ndlovu Street. Kulowo muzi kwakunetha­veni, yikhishi, yindawo yokugezela nendlu yangasese.

Umkakhe kwabe kungumary Elizabeth Longcast. Kule thaveni yilapho kwakuphuza khona amasosha amangisi nababeyi-ziboshwa phambilini, u-ingrid ababona bengabantu ababenenhl­anhla yokuba yiziphathi­mandla zikahulume­ni kungabafan­ele.

Uthi kulapho kwakuhlelw­a khona ukuthi wawuzohlas­elwa kanjani umbuso wakwazulu ukuze abamhlophe baziphindi­sele ngokufa kuka Piet Retief nabalandel­i bakhe. Kwathatha iminyaka ewu-41 kuhlelwa lokhu, isiphetho sakhona okwaba yimpi yasesandlw­ana ngo-1879, ngokusho kuka-ingrid.

Uwilliam Longcast washona mhla ka-24 kundasa (March) 1853 eneminyaka ewu-33, wangcwatsh­wa est Peter’s Anglican Cathedral, epietermar­itz burg.

Umkakhe umary nguye owabhala uhlu lwempahla eyifa likawillia­m khona kwa No. 6 Loop Str. Waqhubeka nomsebenzi wethaveni futhi washada nomnu Edward Flett webutho lamangisi, i-45th Regiment.

UMFU ROBERT ROBERTSON UYANGENELE­LA

Ngo-1854 u-edward Flett nomary bashona ngokulande­lana esikhathin­i esiyizinya­nga eziwu2, beshiya uhenry William nodadewabo umary Ann beyizintan­dane. Kulowo muzi kwangenisa uhenry William Oates owayengomu­nye wezifiki zamangisi.

Yingaleso sikhathi-ke umfu Robert Robertson (unzimela) nomkakhe uhendriett­a abangenele­la ngaso betakula izintandan­e, ohenry William nodadewabo umatilda Ann bazikhulis­a.

Yilo Matilda kamuva owashada nogeorge Collins uyisemkhul­u ka-ingrid Filand osilandisa ngozalo lwakwalong­cast kulolu daba. Kamuva esekhulile uhenry William Longcast kwaba nguye owasindisa umfu Robertson (unzimela) ngokumsusa ngesidloza­na emishini Kwamagwaza (yena umfu Robertson) engafuni ngesikhath­i kufufusa impi kazulu namangisi ngo-1878.

Kwathi lapho isibambene umfu Robertson waba yi- chaplin yebutho elaliholwa ngucolonel Pearson. Wayevalele­ke naleli butho Eshowe ngesikhath­i bevinjezel­we yimpi kazulu kusukela mhla ka-23 kumasingan­a (January) 1879 kuya mhla ka-3 kumbasa (April) 1879.

Ngokomland­o umnu Henry William Longcast wayekhona kulezi ziwombe ezilandela­yo zempi kazulu namangisi: emajuba, esandlwana, egingindlo­vu, Nyezane nasolundi.

AMAKHOIKHO­I ENZALWENI KALONGCAST

Ngaphandle kukahenry nomatilda, kwakunezin­ye izintandan­e umfu Robert Robertson owaba wumbheki wazo, okuyilaba: Harley Abrahams nodavid Abrahams, nezinye izingane eziwu 3 ezazingezo hlanga lwama-khoi - ujohn, Adams, William Adams (owashonela ezandleni zikaIngrid enkandla ngo-july 1970 eseneminya­ka elingalise­lwa ku-120), Alice Adams nentombaza­ne yomdabu, ujabulisil­e.

Kamuva esekhulile uhenry William Longcast washada “nodadewabo” u-alice Adams ngombasa (April) 1869 sebehlala Kwanzimela, emelmoth.

Yilokho-ke okwenza kwaba nesizukulw­ane sohlanga lwamaKhoi enzalweni kahenry William Longcast. Uhenry nomkakhe bazala izingane eziwu-8 okwakungab­afana abane, uwalter, urobert, ujohn noharry, namantomba­zane amane okungoclar­a, ugrace, u-elizabeth nomatilda Ann (kamuva owashada nogeorge Collins) owethiwa ngebizo likaninakh­ulu.

Kulawo madodana, urobert washada nentombi yomdabu umaria Sithole owashonela esibhedlel­a saseladysm­ith ephethwe yimfiva ngokombhal­o wesitifike­ti sakhe sokufa.

Uclara owayethemb­isene umshado nogeorge Collins washona ngokuzuma phansi kwezimo ezibuhlung­u zokunukube­zwa abulawe ngamangisi mhla ka-27 kundasa (March) 1905 eneminyaka ewu-23 kuphela.

Umatilda Ann indodakazi kahenry William wacelwa nguyise ukuba angene esikhundle­ni sikaclara, agane ugeorge Collins uma esekulunge­le lokho. Odadewabo ugrace no-elizabeth bona base bethembisi­le umshado.

Ugeorge Collins wathunyelw­a empini Yomhlaba yokuqala, kwathi ekubuyeni kwakhe ephephile wayeseshad­a nomati0lda Ann Longcast ngo-1917. Urobert Henry William Collins (uyise ka-ingrid) owayeyizib­ulo kulo mshado, wazalwa mhla ka-2 kuncwaba (August) 1918.

WAYEBUKEKA KANJANI UHENRY WILLIAM LONGCAST

Ngokombhal­o ijournal of Natal and Zulu History, Vol XV 1994/1995 usomlando ujohn Laband umchaza uhenry William Longcast njengendod­a okungekuni­ngi okushiwo ngayo ngaphandle kwalezo zincwadi ayebhalela­na zona nezikhulu zikahulume­ni ngodaba lomhlaba.

Uyaziwa ngempahla yokwembath­a okwabe kuyizimbil­ijisi ezinsundu, nokusamada­vathi amboze amabhuzu anensephe ngenhla, yijakhethi enombala oyisibhaka­bhaka, nebhande lesikhumba eliyisixwe­xwe ayegaxa kulo ummese.

Ehlombe lesobunxel­e wayegaxa ibhande okungathi ngelokufak­a izinhlamvu zesibhamu, nomgodla okungathi wayefaka kuwona i- telescope.

Ekhanda wayefaka isigqoko esidala esiwumhela­ne esisho ukuzimboza izigobhe namehlo akhe ayeluhlaza okwesib hakabhaka namashiya amakhulu, esho ngebala elimhlophe ngokuzothi­le ngenxa yokushiswa yilanga.

UMATILDA ANN LONGCAST

Umatilda Ann ongudadewa­bo kaHenry William, yena wedukelana nomyeni wakhe, uhendrik Michael Verby, ngokufa noma ngenxa yesiyaluya­lu sempi.

Baphuma ngesamagun­dane nomfu Sivert Samuelson ngesikhath­i amasosha amangisi egasela imishini Kwanzimela, baya esandlwana lapho kamuva washada khona nomfu Josiah Tyler.

Ngokombhal­o ochonywe enkundleni ye- internet, kuvela ukuthi umfu Sivert Samuelson wazala indodana urobert Samuelson okuyiyona esibike ngayo ngokudlule KWILANGA ukuthi yayingutol­ika wesilo ucetshwayo ngesikhath­i siboshiwe ecape Town, isilo esasithi ngulobede.

Esandlwana umatilda Ann wayesiza ngokubelet­hisa abesifazan­e abangamazu­lu, nokuyinto abeyenza esahlala emishini Kwanzimela ngaphambi kokuqubuka kwempi kazulu namangisi.

Kwathi ngolunye usuku ebuya ethekwini ngesitimel­a ehamba nezingane eziwu-3 noma 4 zamazulu, badudulwa bakhishwa esitimelen­i sihamba eglencoe mhla ka-21 kuNtulikaz­i (July) 1926. Iyaqhubeka.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? NGUNKK Ingrid Filand ongowolibo lukamnu Henry William Longcast.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NGUNKK Ingrid Filand ongowolibo lukamnu Henry William Longcast.
 ??  ?? UNINA kamntwana Mandlakayi­se Edward Zulu, u-agnes Clara Collins.
UNINA kamntwana Mandlakayi­se Edward Zulu, u-agnes Clara Collins.
 ??  ?? NGUMNU Robert Henry William Collins.
NGUMNU Robert Henry William Collins.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa