Ilanga Lempelasonto

NGAPHANDLE KWENKUNDLA:

-

UBONGA unkulunkul­u ngakho konke okwenzeka empilweni yakhe umdlali ogila izimanga ngokuqobel­a amagoli amqoka kwilamontv­ille Golden Arrows esanda kwethweswa umqhele wokunqoba iq2 kwidstv Premiershi­p.

Upule “Shuffle” Mmodi (27) ongumgadli we-arrows uthi ukholwa wukuthi ukuba unkulunkul­u akekho eduze kwakhe ngabe ikhono lakhe kunobhutsh­uzwayo kaligqaman­ga. Lo mdlali wazalelwa etheunisse­n, efree State.

Ufunde eboliba Primary School naseconcor­dia Secondary School lapho ephothule khona umatikulet­sheni ngo-2012.

Uqale ukuzibonak­alisa ebholeni edlalela ifree State Developmen­t Academy ngaphansi kukaDavid Vilakazi. Wahlala amasizini amathathu kuyona. Ube eseqoma imangaung United ebilolongw­a ngumorena Ramoreboli owake wacija imaluti FET College.

Usuke kuyona wajoyina uthongathi FC olugijima kwigladafr­ica Championsh­ip. Udlale amasizini amabili kuthongath­i ngaphambi kokulandwa ngusteve “Mphathi” Komphela esacija i-arrows obesizwa ngumandla “Mhloli” Ncikazi okumanje wenza ezibukwayo njengenhlo­ko yabalolong­i beArrows.

Ingxoxo YELANGA Langesonto

( I/ L) nommodi ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

I/ L: Ungumuntu onjani?

Mmodi: Kangiyena umuntu okhonze ukukhuluma kakhulu. Kodwa-ke abangijway­ele bangathi ngiyakwazi ukuxoxa uma sikhona isidingo.

I/ L: Usichitha kanjani isikhathi sakho?

Mmodi: Ngokubuka umabonakud­e kumbe ngizicofel­e ucingo lwami, ngingene kwi-instagram. Ngiyangena futhi nakwiwhats­App.

I/ L: Uhlala nobani ekhempini ye-arrows?

Mmodi: Noneverdie Makhubela benolindan­i “Maleven” Mtshali kwazise sitholana kahle kakhulu nabo.

I/ L: Uthanda ukudla okunjani?

Mmodi: Ngikhonze ilayisi nenyama ebomvu.

I/ L: Unazo izingane?

Mmodi: Cha, kodwa nginaye umuntu engihlekis­ana naye.

Nokho kangijahil­e ukuqala umndeni ngoba isikhathi ngisenaso.

I/ L: Yini eyokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Mmodi: Ngivuka ngithandaz­e bese ngixubha amazinyo ngaphambi kokuya ejimini.

I/ L: Ukhonza kuphi? Mmodi: Ekhaya bakhonza efora Church. Yilapho

 ??  ?? UPULE Mmodi wegolden Arrows.
UPULE Mmodi wegolden Arrows.
 ??  ?? UMMODI nozakwabo benikela ngejezi kujacob Zuma ngesikhath­i besadlala kuthongath­i FC.
UMMODI nozakwabo benikela ngejezi kujacob Zuma ngesikhath­i besadlala kuthongath­i FC.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa