Ilanga Lempelasonto

MFANAFUTHI NDLOVU

-

engithokom­ala khona ngibusisek­e ngezwi lenkosi.

I/ L: Basekhona yini abazali?

Mmodi: Sekusele umama ubasetsana Mmodi, ubaba ngulucas usadlula emhlabeni.

I/ L: Nibangaki kwenu?

Mmodi: Sibawu-6 ugodfrey, upule, uthabiso, usimalaken­i, usabatha ulebo nami.

I/ L: Uhamba ngamotoni?

Mmodi: Ngihamba ngegolf 7.

I/ L: Yisiphi isiqholo okhonze ukusiseben­zisa?

Mmodi: Yi-air Val Internatio­nal FC Barcelona Eau De Toilette kwazise inephunga elimnandi.

I/ L: Uthanda nhloboni yomculo?

Mmodi: Amapiano ngiwathand­a ukufa, ngizilalel­ela wona ngaso sonke isikhathi.

I/ L: Usalikhumb­ula iholo lakho lokuqala?

Mmodi: Yebo, kwaba wu-r14 000 yize ngingeke ngikwazi ukusho ukuthi ngawuthola ngidlala kuphi.

I/ L: Yisiphi isilwane osesabayo?

Mmodi: Yinja, ngiyesaba ukufa.

I/ L: Yimuphi umbala owuthanday­o?

Mmodi: Ngithanda umbala omhlophe ngoba wenza ukuthi umuntu agqame noma yikuphi lapho esuke ekhona.

I/ L: Usebenzisa nhloboni yamakhokho?

Mmodi: Ngisebenzi­sa imercurial Superfly, leli khokho lingiphath­a kahle kakhulu enkundleni uma ngidlala ngalo.

I/ L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela?

Mmodi: Ngingajabu­la uma ngingakwaz­i ukuvakashe­la e-england nasefrance.

I/ L: Ukhule uthanda muphi umdlali?

Mmodi: Baningi abahle kodwa udavid Beckham wase-england usahamba phambili kubadlali engibabuke bedlala kahle ibhola.

I/ L: Kunjani ukudlalela ikilabhu ephethwe ngumuntu wesifazane (umato Madlala)?

Mmodi: Okuhle ngakho wukuthi kulula ukukhuluma naye. Uyakwazi ukulalela. Ngithanda ukuthi ungumuntu oyisho injengoba injalo into akholelwa kuyona, akashoni ezintangen­i.

I/ L: Uyakholelw­a emuthini?

Mmodi: Yebo, nakuba ngingawuse­benzisi mina, kodwa kangimexwa­yi neze umuntu owusebenzi­sayo kwazise emhlabeni sikholelwa ezintweni ezahlukene.

I/ L: Uthini umbono wakho ngeCovid-19?

Mmodi: Kumele abantu baqikelele ukufaka izifonyo uma bephakathi kwabantu ukuvikela bona nabo bonke abantu abasondele­ne nabo.

I/ L: Yini osafisa ukuyenzela umndeni wakho?

Mmodi: Wukuwakhel­a umuzi omuhle osezingeni engilithan­dayo ukuwubonga ngokungifu­ndisa impilo.

I/ L: Uthini umlayezo wakho entsheni?

Mmodi: Uma udinga into kumele uyisebenze­le kanzima ukuze uyithole.

Kumele ukhethe abangani abahle abangeke bakuholele ehlane. Kufanele isebenzele ukunyusa amakhono ewaphiwe wuMdali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa