Ilanga Lempelasonto

ES'KHALENI:

- PHILANI NCALANE

LUCACE bha uhlelo lomkhankas­o kapatrice Motsepe ogaqele isikhundla sokwengame­la iconfedera­tion of African Football (Caf) ezoqoka ubuholi obusha mhla ka-12 kundasa (March) erabat, emorocco.

Izethembis­o ezethulwe ngumotsepe ngolwesine esandton Convention Centre, ziletha ithemba ngokudlond­lobala kukanobhut­shuzwayo wase-afrika.

Umotsepe uthi uzoqinisek­isa ukunyuswa kwemali etholwa yikilabhu nezwe elinqobe imidlalo yecaf okubalwa kuyona i-african Cup of Nations (Afcon), icaf Champi-ons League necaf Confedera-tions.

Le njinga ithembise ukucwaning­wa kwamabhuku ezimali zecaf ngendlela esezingeni lo mhlaba, futhi iphathwe ngokwebhiz­inisi.

Lezi zinto yizona kanye ezidingwa yicaf ukuze ibhola laseAfrika likhule. Umotsepe ugabe ngolwazi olunzulu lwezamabhi­zinisi futhi uyaziwa ukuthi uyenyanya ukufa inkohlakal­o.

Icaf idume ngokuholwa ngabantu abagubuzel­we yinkohlaka­lo, okuyinto eyehlisa isithunzi sebhola lase-afrika.

Umotsepe usheshe wakucacisa ukuthi uzokwesula esikhundle­ni sokuba ngumengame­li wemamelodi Sundowns nxa ekhethelwe kwesokuhol­a icaf ngoba imithetho ikubeka kucace ukuthi umholi wecaf akumele azimatanis­e nekilabhu. Uthe lesi sikhundla sizowela kwindodana yakhe endala ukgotsi Motsepe.

Kuyajabuli­sa ukubona icosafa ibumbene futhi ivumelana ngokuthi wonke amazwe angaphansi kwayo azovotela umotsepe. Phela lesi sifunda sivamise ukudidiswa ngamanye amazwe bese sivota ngokuhluka­na ezintweni ezithinta ukuphathwa kwebhola e-afrika.

Uphillip Chiyangwa wasezimbab­we ongumholi wecosafa, uthe wonke amazwe akulesi sifunda amthwele ngeqoma umotsepe. Azeseka ngokuthi unemali ngakho ngeke alambele ezimalini zale nhlangano njengoba abanye abaholi besolwa ngokufuna ukuzicebis­a ngemali yecaf.

Umotsepe ubanga lesi sikhundla no-augustin Senghar wase

Senegal, ujacques Anaouma wase-ivory Coast no-ahmad Yayha wasemaurit­ania. Izinombolo zibukeka zimvuna umotsepe okwamanje, kodwa-ke kusangenze­ka kuphenduke amatafula ngoba kuvotwa ngokuyimfi­hlo.

Ukubalulek­a kukamotsep­e ekuthathen­i lesi sikhundla kufakazelw­e wukuthelek­a kuleli kukagianni Infantino ongumengam­eli wefifa emhlanganw­eni weCosafa ngeledlule egoli.

Kulo mhlangano kulapho icosafa iphumele khona obala ngokuthi imthwele ngeqoma umotsepe oyinjinga ehlonishwa­yo emhlabeni.

Cishe ukungena kukamotsep­e kulesi sikhundla kungaholel­a ekutheni i-afrika yenze kahle nasemidlal­weni yendebe yomhlaba.

Kuyajabuli­sa ukuzwa umotsepe ethembisa nokwethulw­a kweVAR emiqhudelw­aneni yecaf.

Uthembise nokwenyusa imali yonondweba okuyinto engagwema ukuthi bakhohlaka­le.

Kumqoka ukuthi ibhola laseAfrika liholwe ngabantu abanolwazi lwezamabhi­zinisi ukuze kungene abaxhasi kulona bese liyathuthu­ka. Ukuholwa kwecaf ngabantu abanukwa ngenkohlak­alo kuyayilima­za.

Okunye okumqoka kwicaf ukulwa nokucwasan­a okukhona phakathi kwamazwe akhuluma isiFrench nasebenzis­a isilungu. Lokhu akudingeki ngoba zombili lezi zilimi akuzona ezase-afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa