Ilanga Lempelasonto

USHELWA YIKILABHU YASESPAIN UBEN 10

- SENZO SOKHELA

USHELWA yikilabhu yasespain umdlali weqembu lesizwe lakuleli ibafana Bafana, osenuka iqaqa kubalandel­i bekilabhu yakhe yase-europe.

ILANGA Langesonto lihletshel­we ngumthombo walo ukuthi ubongani “Ben 10” Zungu olihlikihl­a kwiglasgow Rangers yaseScotla­nd ufunwa yireal Mallorca yasespain eziholayo kwisegunda Division futhi ethishwa ukunyukela kwispanish La Liga ngesizini ezayo.

Uzungu usematheni kubathandi bebhola emhlabeni njengoba benozakwab­o abane bebesezind­abeni emuva kokuba bephule imithetho yokugonqa njengoba kubhoke icovid-19 emhlabeni.

Benze umcimbi wenjabulo ekubeni kuyinto engavumele­kile. Uzungu ugxekwe kakhulu kwazise nguyena omdala kunozakwab­o abehamba nabo.

Kwenzeka konke lokhu nje, ubolekiswe yi-amiens kwirangers kuze kuphele isizini. Kunesivume­lwano sokuthi irangers imthenge uma kuphela isizini ka-2020/2021. Nokho kubukeka eshabalele amathemba okuthi irangers isazomthen­ga njengoba egxekwe nxa zonke ngesenzo sakhe.

Ngisho izingwazi ezihlonish­wayo kwirangers zisigxekil­e isenzo sikazungu, zalibeka ngesihloko elokuthi ku-fanele ahambe.

Uxolisile okwenze usteven Gerrard ongumqeqes­hi wakhe wambuyisel­a eqenjini ngolwesith­athu. Uqalile ukujima nozakwabo.

Nokho lo mdlali osehlale iminyaka ebalelwa kwewu-5 e-europe kuthiwa ushelwa yimallorca engenye yamakilabu­u amadala espain.

Umthombo waleli phephandab­a oncikene nozungu, uthe: “Ngeke ayiswele ikilabhu ngesizini ezayo ngisho irangers ingangamth­enga kunekilabh­u esha amashushu yasespain emfuna phansi phezulu. Nakwi-english Premiershi­p ikhona ebuzile ngaye wukuthi yona kayikhulum­anga into eqondile njengemall­orca.

Kodwa-ke njengamanj­e uyalelwe ngumphathi wakhe ukuthi agxile emdlalweni wakhe kuze kuphele isizini okuyilapho kuzobe sekucaca khona ukuthi kwenzakala­ni ngesimo sakhe.”

U-alexis Ramali-ngam ophethe izindaba zikazungu, uthe okwamanje ngeke akwazi ukuphawula ngekusasa lalo mdlali, bazolinda kuze kuphele isizini. “Akhona amaki-labhu amfunayo ko-dwa ngeke sikwazi ukukhuluma ngalokho okwamanje ngoba sonke siyazi ukuthi ubuya esimweni esinjani. Indaba yakhe sizoyixoxa kahle uma sekuphele isizini.

"Okuhle wukuthi ubuyisiwe eqenjini lerangers usejima nalo,” kusho urama-lingam.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa