Ilanga Lempelasonto

USAZOQHUBE­KA NOKUTHOLA IMIHLOMULO YAKHE UMABUZA

- INTATHELI YELANGA *Intatheli YELANGA Langesonto

UMNU David Mabuza obeyiphini likamengam­eli wezwe, uzoqhubeka nokuthola umholo owu-r3 million ngonyaka, aqhubeke athole yonke imihlomulo abevele eyithola ngesikhath­i eqhoqhobel­e lesi sikhundla.

Kuleyo mihlomulo azoqhubeka nokuyithol­a kubalwa ukuvikelwa ngamaphoyi­sa aqapha izikhulu ngaphansi kwe-vip Protection, imoto yombuso, nonobhala.

Ukuthola le mihlomulo kukamnu Mabuza kuhambisan­a nesichibiy­elo esenziwa yiphalamen­de ngo-2008, esagunyaza ukuba impesheni yomengamel­i kanye namaphini abo yenyuswe ingabe isaba wu-75% womholo wabo ogcwele, kodwa ilingane nomholo ogcwele abebevele bewuthola besasebenz­a.

Lokhu kuchaza ukuthi umnu Mabuza uzoqhubeka ahole u-r2 910 234 ngonyaka.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngonyaka owedlule kwasuka umsindo ngesikhath­i kuputshuka imibiko yokuthi umengameli Cyril Ramaphosa uphezu kohlelo lokuchibiy­ela incwajana equkethe imihlomulo yongqongqo­she namasekela abo, nondunanku­lu, okuyinto ebizokweng­eza eminye imihlomulo kulezi zikhulu zikahulume­ni.

Emuva kokugxekwa kukahulume­ni ngokuthi ubudedengu, ufuna ukwenza lokho ekubeni isimo somnotho sisibi ezweni, nabantu bekhungeth­we yinkinga yobubha nezindleko eziphezulu zokuphila, umengameli ugcine ekuhoxisil­e ukubuyekez­wa kwemihlomu­lo.

Umnu Mabuza uzotamuza le mihlomulo nakuba isikhathi esiningi ubengumunt­u obengavami­le

ukubonakal­a emphakathi­ni, futhi bekubuye kubikwe ukuthi uthathe ikhefu ngenxa yesimo sempilo, obekwenza abukeke njengomunt­u obengawenz­i ngendlela efanele umsebenzi.

Ungqongqos­he ehhovisi likamengam­eli, umnu Mondli Gungubele umvikele umnu Mabuza, wathi kayilona iqiniso indlela obekuchazw­a ngayo ukusebenza kwakhe.

“Iphini likamengam­eli umnu Mabuza lisebenze ngokukhulu ukuzimisel­a; abantu baseningiz­imu Afrika bazohlala bemkhumbul­a,”

kusho umnu Gungubele.

Umnu Gungubele uthi umnu Mabuza uyifezile imisebenzi ayeyinikwe ngumengame­li. Uthi kuhulumeni ophethwe ngumnu Ramaphosa, abeyingxen­ye yawo umnu Mabuza, umnotho wezwe ukhule ngo-2,5% ngonyaka odlule.

Ngolwesith­athu, iphalamend­e nehhovisi likamengam­eli bamemezele ukuthi umnu Mabuza wesulile njengelung­u lephalamen­de, obekusho nokuthi useyehla esikhundle­ni sokuba yiphini likamengam­eli wezwe.

 ?? ?? UMNU David Mabuza okuthiwa usazolokhu ewuthola umholo wakhe njengenjwa­yelo yize engasekho esikhundle­ni sokuba yiphini likamengam­eli wezwe.
UMNU David Mabuza okuthiwa usazolokhu ewuthola umholo wakhe njengenjwa­yelo yize engasekho esikhundle­ni sokuba yiphini likamengam­eli wezwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa