Ilanga Lempelasonto

UGONYULUKA NGEFU ELIMNYAMA ELIMHLASEL­E ESELIZE LAMGULISA

- JOHN HLONGWA

UKHALA ngokwehlel­wa yisithunzi usihlalo we-african National Congress (ANC), ethekwini, osamisiwe, unkk Zandile Gumede njengoba ehla enyuka egqigqa enkantolo ngenxa yamacala asolwa ngawo okweba imali yethenda yokuqoqwa kukadoti, yesamba sika-r208 million.

Unkk Gumede ukusho lokhu engxoxweni abenayo NELANGA Langesonto. Kusasa ngomsombul­uko kulindelek­e ukuba avele enkantolo enkulu yasethekwi­ni nabanye abasolwa abawu-21 asolwa nabo.

“Ngiyajabul­a ukuthi ngemuva kweminyaka ewu-6 ngihleli netshe emahlombe ami, usuku seluze lwafika. Ngifisa sengathi ijaji lingathath­a isinqumo kusasa. Akusebenze­ki, kunefu nje elimnyama elingiland­elayo.

"Ngisho abantu bengijabul­ela kodwa kuyabuya emqondweni nasenhlizi­yweni yami ukuthi konje ngilandelw­a yileli fu.

“Ngemuva kokusolwa ngala macala, ngihlaselw­e wukugula, ngahlaselw­a yizifo ezimbili ezingamahl­alakhona ezihambisa­na nengcindez­i esengiyoze ngife nazo.

"Ngiyafisa ukusebenze­la umphakathi kodwa akwenzeki, icala linginqind­e wonke amandla.

"Umndeni wami nebandla lami nabo bahlukumez­ekile ngala macala. Ngaphezu kwakho konke, ngibonga ukuthi usuku lwecala lungifice ngisaphila, ngifuna izwe lazi ukuthi kwenzekani. Kade lalihlehla, amaphoyisa elokhu ethi asaphenya.

"Ijaji liwabuza umbuzo owodwa nje, ukuthi abopha kanjani uma uphenyo lungapheli­le, ayahluleka wukuphendu­la lokho. Ngiyathand­aza ukuthi kusasa lifike liphele noma liqale ukuqulwa,” kuphetha unkk Gumede.

Unkk Gumede wakhethwa waba ngusihlalo WE-ANC, ethekwini, engqungqut­heleni eyayisenko­si Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), ngo-2022, waqumba phansi imbangi yakhe ewusomlomo emkhandlwi­ni wetheku, umnu uthabani Nyawose.

Wayinqoba le ngqungquth­ela ehleli ekhaya, eyibukela kumabonaku­de njengoba wayevinjwe wumthetho weqembu lakhe, othi ilungu elinecala lingazihla­nganisi nezinhlaka zeqembu (step aside).

Abameli bakhe, ibulelani Mazomba Attorneys, batshele LANGA Langesonto ukuthi sebemi ngomumo.

“Sonke sesime ngomumo, yithi kanye nabashushi­si (kusasa). Ngomsombul­uko umbuso uzokwethul­a ufakazi wawo wokuqala. Silindele ukumphonsa ngemibuzo kuze kuvele iqiniso. "Cishe yonke le nyanga umbuso uzobe wethula ofakazi bawo abazi kahle ngaleli cala. "Njengoba icala lizobe likhonjisw­a bukhoma ezinhlaken­i ezahlukene zabezindab­a, ijaji ubalton liseluleke ngokuthi singabe sisachitha sikhathi, makuhlelwe ukuthi abezindaba bazoyigxum­eka kuphi imishini yabo yokuqopha,” kusho ummeli enokuzethe­mba.

UNKK Zandile Gumede kulindelek­e ukuthi avele nabanye enkantolo enkulu ethekwini kusasa

ngomsombul­uko.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ??
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa