Ilanga Lempelasonto

Inkosi Tembe iqokelwe kwesokuba ngusihlalo esimangali­so

Kubongwe ibhodi eliphumile ngomsebenz­i oncomekayo eliwenzile

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

INKOSI Mabhudu Tembe, yesizwe sakwatembe, Kwamhlabuy­alingana, iqokwe njengosihl­alo webhodi elengamele isimangali­so Wetland Park Authority. Ithe inethemba lokuthi leli bhodi lizowenza ngokwethem­beka umsebenzi walo.

Leli bhodi liqokwe ngungqongq­oshe wezamahlat­hi, ukudoba emvelo, unkk Barbara Creecy, kanti liqale ukusebenza ngasekuphe­leni kwenyanga eye-dlule futhi lizosebenz­a iminyaka emithathu.

Ngesikhath­i emukela lobu buholi emhlanganw­eni obusethekw­ini, unkk Creecy uthe kubaluleki­le ukuthi leli bhodi libe nombono wesikhathi eside ngale paki, liphinde libheke izindlela ezingasima­misa ngayo ezezimali.

“Sifisa ibhodi liqhamuke namasu azoba nenqubekel­a phambili ekusebenze­ni nasekuhweb­eni kwayo isimangali­so, ukuthuthuk­iswa nokulungis­wa kwengqalas­izinda, ukubakhona kozinzo phakathi kwayo nabakhe kuyo naseduze nayo, ukuqedelwa kobunikazi bendawo kanye namasu okuhlomuli­sa imiphakath­i eyakhelene nayo,” kusho unkk Creecy.

Uphinde wabonga ibhodi elidala ngamagalel­o alo nangokuseb­enza ngokubambi­sana kwabo, wathi libe nomthelela ekutheni ipaki liholwe kahle nokusebenz­a kahle kwemali.

Uncome nezinhlelo ezivule amathuba emisebenzi angaphezul­u kwamakhulu amabili namashumi amane anikwe osomabhizi­nisi abancane, kanjalo nabakwaze ukuqashwa ngaphansi kwalo ipaki.

Umnu Sibusiso Bukhosini, oyiceo kuleli paki, naye uhambe phezu kwamazwi kangqongqo­she ekubongeni ibhodi eliphumile, waphinde wabonga nesigungu esiphezulu sabaphathi abangaphan­si kwakhe, athe basebenza ngobuchwep­heshe nangokukhi­qiza umsebenzi omuhle.

Uthi kube wukusebenz­isana ngokubambi­sana nalo ibhodi ebelibeka phansi izintambo okwenze njengepaki bakwazi ukuhlomula nangemiklo­melo yokuba ngabahamba phambili kwezokongi­wa kwemvelo nezokuvaka­sha emhlabeni wonke jikelele.

Inkosi Tembe, esingusihl­alo omusha, beyingusek­ela sihlalo ebhodini ebeliphuma, ibonge amazwi akhuthazay­o abawathole kungqongqo­she, yabonga nangokuqok­wa kulesi sikhundla. “Njengebhod­i sizosebenz­a ngokuzikha­ndla ukufezekis­a izinhloso zepaki. Ngibonga kakhulu nakungqong­qoshe ngokuqoka ibhodi elinabantu abanamakho­no emikhakhen­i eyahlukene, nathi lokho kuzosisiza ezingqinam­beni abazohlang­abezana nazo ngokuhamba kwesikhath­i,” kusho inkosi Tembe. nonhlakani­phos@ ilanganews.co.za

 ?? ?? INKOSI Mabhudu Tembe eqokelwe ukuba ngusihlalo.
INKOSI Mabhudu Tembe eqokelwe ukuba ngusihlalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa