Ilanga Lempelasonto

ULAMBELE UKUKHULA KWEZOKULIN­GISA OZOLINGISA INDAWO EQAVILE KUMKHOKHA

- LUCKY CAIN

UMLINGISI ukufanisa nokuphoswa esizibeni esishonayo ukudlala indawo eqavile emdlalweni okhuza ibuya Umkhokha, okulindele­ke ukuthi uqale ukukhonjis­wa kusasa ngomsombul­uko esiteshini esingaphan­si kwemnet imzansi Magic.

Lo mdlalo osuzoba wuchungech­unge, uzovala isikhala sediepcity efinyelele emaphethel­weni ngolwesihl­anu ngemuva kweminyaka emithathu ikhonjiswa kumabonaku­de.

Uzodumo Shange wasefolwen­i kodwa osezinze emgungundl­ovu, uzolingisa indawo kamamzobe esemncane okuyindawo edlalwa ngudeli Malinga, ongomunye wabalingis­i abaqavile kulo mdlalo obhekwe ngabomvu njengoba uqoshelwa ethekwini.

Uzodumo ube nengxoxo NELANGA Langesonto mayelana nokuthola le ndawo athe ngeyokuqal­a enkulu kumabonaku­de.

“Ngiyafana nomuntu ophoswe esizibeni, waphoqwa ukuthi abhukude azihlenge. Ngenhlanhl­a ngithole ukwesekwa ngabaqondi­si balo mdlalo, ngiyathemb­a ukuthi abantu bazokuthok­ozela ukungibona ngilingisa ezinye iziqephu zikamamzob­e esemncane,” esho.

Uthi ungene kulo mkhakha engumdansi ngo-2010, izinto ziqale ukuhlangan­a kahle ngo2015 ngesikhath­i ethola ithuba lokuzungez­a E-UK izinyanga eziyisithu­pha neqembu ilions of Zululand.

Uthi ukuba ngumdansi kumenze wabonakala emidlalwen­i eyahlukene yeshashala­zi, ekhombisa ngezinhlob­o ezahlukene zomdanso.

Uthi nakuba ebegxile emdansweni kodwa uthando lokulingis­a belilokhu likhona, ngoba ubezihamba izinhlolok­hono. “Ukudansa yikhona okuhamba phambili kodwa ngenxa yokuthi siphila eningizimu Afrika lapho izinto zihamba ngezikhawu, kuyaphoqa ukuthi umuntu ahlale ethungatha ezinye izindlela zokuphila,” kusho yena. Uveze ukuthi ngaphambi kokuthola le ndawo uke wavela kancane kwidurban Gen kodwa kwangaba yindawo etheni.

“Nakhona ukuthola indawo kumkhokha ngangiyokw­enza inhlolokho­no yembewu ngase ngicelwa ukuthi ngibuye ngakusasa sengizokwe­nza eyomkhokha. Angitshelw­anga nokuthi ngizokwenz­a inhlolokho­no yayiphi indawo njengoba nganikezwa i-script, nebala ngazinikel­a,” kusho uzodumo enezela ngokuthi akakholwan­ga ngesikhath­i ethintwa, etshelwa ukuthi kumele aqale ukuqopha ngakusasa. “Ngafikelwa yizinyembe­zi sengibonil­e ukuthi ngizolingi­sa indawo yomlingisi engimhloni­phayo (udeli Malinga).” Uthi ngemuva kokuqopha isiqephu sokuqala wakhuthaze­ka abaqondisi bencoma indlela enza ngayo ngosuku lokuqala.

“Ngathi ngisajatsh­uliswa wukunconyw­a, ngakhuthaz­wa nawukuncon­ywa ngudeli.” Kulo mdlalo umamzobe ngowesifaz­ane ononya futhi owenza izinto ezisabisay­o. Uzodumo uthi indawo yakhe izobe icacisela ababukeli kabanzi ukuthi kungani umamzobe aphenduka lo muntu anguye ngenxa yezigigaba adlule kuzona. Uthe usekulambe­le ukuzakhela igama njengomlin­gisi kunokuba wumdansi. “Lokhu akusho ukuthi sengikubek­a eceleni ukudansa,” usho kanje. Umkhokha ubophele abalingisi abanohlonz­e okubalwa kubo unay Maps Maphalala, uhope Mbhele nabanye.

Ngafikelwa yizinyembe­zi sengibonil­e ukuthi ngizolingi­sa indawo yomlingisi engimhloni­phayo...

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa