Ilanga Lempelasonto

BALANYULEL­WE NGAMAPHOYI­SA ABASOLWA NGOKUQOLA ABANTU KUMA-ATM ESHOWE

- PHUMLANI GAMA

BAHLANGABE­ZANE nezimbila zithutha abasolwa ababili besilisa nowesifaza­ne oyedwa ababanjwe oqotsheni beqola imali yabantu kuma-atm edolobheni laseshowe ngolwesith­athu.

Lezi zigilamkhu­ba okubalwa kuzo nowesifaza­ne osekhulile, zicushelwe ugibe ngamalungu omphakathi azinikele ekulweni nokuqolwa kwabantu, ikakhulu uma kuphele inyanga.

Kubikwa ukuthi sikhulu isililo kumalungu omphakathi, ikakhuluka­zi abantu asebekhuli­le abasuke bezohola imali yempesheni nesibonele­lo sikahulume­ni ngobugeben­gu kuleli dolobha.

Kuvela ukuthi abasolwa bayaye bacuphe imishini ukuba ibambe amakhadi abantu, kube nzima ukukhipha imali.

Kuthiwa emuva kwalokho bakuyalela ukuba uqhele emshinini ukuze bezokusiza bona, maqede bakunike ikhadi okungelona elakho.

Ngosuku lwesigamek­o kuthiwa bathe beqala nje ukugila lo

mkhuba kwasho ukuthi bafike sezigawulw­e zabekwa.

Ngokusho kwelungu lomphakath­i elicele ukuba kugodlwe igama lalo, ebelikhona kwenzeka konke, amalungu omphakathi adinwe ashaya aphinde aketula imoto ebihamba abasolwa.

“Bekungathi kudlala ifilimu ngenkathi amalungu omphakathi eketula imoto ayibhekisa phezulu ngoba efuna kuphume abasolwa.

“Abanye bebefuna ukuyishisa nabo bephakathi.

“Kusize ukuthi kufike amaphoyisa kamasipala okuyiwona avimbe amalungu omphakathi abediniwe egane unwabu.

“Abantu bakhala ngokuthi nyanga zonke kubanjwa imali yabantu, kwesinye isikhathi abanye babuyela emakhaya bengasenaw­o amakhadi,” kusho leli lungu lomphakath­i.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal, ult-colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aphenya icala lokususwa kothuthuva emphakathi­ni.

“Akekho oboshiwe ngalesi sigameko.

“Amalungu omphakathi aphakamise imoto ebihamba abasolwa.

“Kulesi sigameko kulimale onogada ababili,” esho.

 ?? ?? YIMOTO ebihamba abasolwa okuthiwa iketulwe ngamalungu omphakathi.
YIMOTO ebihamba abasolwa okuthiwa iketulwe ngamalungu omphakathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa