Ilanga Lempelasonto

Uboshwe esesikolen­i osolwa ngokunukub­eza izingane

Kuthiwa umfundi (19) ubeshuthek­a iminwe ezithweni zangasese zezisulu

- SKHOSIPHI MTHEMBU

USHAQWE ngamaphoyi­sa ngeledlule esesikolen­i owesilisa (19) ezincane.wakwaminya­manzi, Kwanongoma osolwa ngokunukub­eza ngokocansi izingane

ILANGA Langesonto linalo igama lomsolwa okuthiwa abakwasidl­odlo bamshaqe engazelele, esesikolen­i samabanga aphakeme khona Kwanongoma.

Usolwa ngokushuth­eka iminwe yakhe ezithweni zangasese ezinganeni ezineminya­ka ephakathi kwemibili kuya kwengu-12 ubudala.

Kubikwa ukuthi umsolwa ungumuntu owaziwayo endaweni, futhi ubejwayele ukuvakasha kubo kwalezi zingane njengoba zingomakhe­lwane.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, umsolwa uke wanyamalal­a endaweni njengoba lolu daba luqale ukuvela ngonyaka owedlule.

Umthombo osondelene nemindeni, esiwugodli­le ngenxa yokuba bucayi kodaba, uveze ukuthi umsolwa ungumfanya­na nje obenganake­kile futhi kungekho osolayo ukuthi ugila lo mhlola ezinganeni.

“Lo mfana ubejwayele ukuvakasha kule mindeni agile kuyona le mikhuba.

“Ubefike azibize, adlale nazo bese ezishuthek­a umunwe wakhe esithweni sangasese.

“Kokunye ubeke abize izingane abuke nazo ama-video ocansi, bese eyazikopa ashaye indlwabu, aze afike kuvuthonda­ba.

“Ubesenesik­hathi enza lokhu engabanjwa.

“Uke wabanjwa ngunina wesisulu esineminya­ka emibili esiphenya inabukeni, okuthe uma ebuzwa ukuthi wenzani, wazivikela ngokuthi ubeyibheka ukuthi kayizonele yini.

“Indaba ivele ngesikhath­i esinye isisulu abejwayele ukusigila simbona, sabe sesibaleka simemeza sithi nangu u... (egagula umsolwa ngegama) esezosi ......

“Unina waso ube esehlala naso phansi, wasibuza ngalokhu, sabe sesiyasho.

“Sibale nezinye izingane abekwenza kuzona lokhu.

“Zibiziwe zonke zabuzwa, zasho ukuthi nazo ubezishuth­eka umunwe esithweni sangasese.

“Zithathiwe izingane zayiswa kudokotela, ufike wakuqinise­kisa ukuthi zinukubezi­we.

“Kube sekuvulwa icala ngomfumfu (October) wangonyaka owedlule.

“Umsolwa ube esenyamala­la endaweni isikhathi eside, engaziwa ukuthi ukuphi. Uphinde wabuya njengoba efunda khona lapha,” kusho umthombo.

Uveze ukuthi abazali bezingane bekubahluk­umeza kakhulu ukubona umsolwa ezicanasel­a ngaphambi kokuba aboshwe.

“Obekubapha­tha kabi wukuthula kwamaphoyi­sa yize icala babelivuli­le kodwa kungacaci ukuthi kwenzekani ngomsola, ngoba udokotela wakuqinise­kisa ukuthi izingane zinukubezi­we,” kusho yena.

Ihhovisi likandunan­kulu wakwazulu-natal unkk Nomusa Dube-ncube likushayel­e ihlombe ukuboshwa kwalona wesilisa.

Okhulumela amaphoyisa ult Col Nqobile Gwala uthe ukhona umsolwa oboshiwe ngamacala amahlanu okudlwengu­la, kanti kulindelwe ukuba avele enkantolo kusasa ngomsombul­uko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa