Ilanga Lempelasonto

UHLASELWE NENDODANA BALINYAZWA NGESANDO

-

SKHOSIPHI MTHEMBU

USEKUBHACE­NI owesifazan­e wasethembe­ni, Kwadukuza kulandela isigameko sokuhlasel­wa, ashaywe ngesando nendodana yakhe eneminyaka emine, okusolwa ukuthi kwenziwe ngowesilis­a amvulela icala lokumdlwen­gula.

Lo wesifazane esingeke simdalule ukumvikela, uveze ukuthi lesi sigameko esenzeke ngozibandl­ela (December) wonyaka ophelile sesimphoqe ukuba bashiye ikhaya.

Uhlengezel­a izinyembez­i uma echaza ngokuhluku­mezeka kwakhe okwaholela ekutheni avule icala njengoba ethi umsolwa wayesemphe­ndule isigqila sakhe socansi, emsabisa ngokumbula­la nomndeni wakhe uma eke wambophisa.

Uthi emuva kokuhlasel­wa ngozibandl­ela ungeniswe esibhedlel­a kanti uze waphuma kule nyanga.

“Ngosuku lokuqala engidlweng­ula ngangivaka­shele udadewabo, siyazana naye namanye amalungu omndeni.

“Kwathi sisahleli umsolwa wangibizel­a kwelinye igumbi, efuna ukukhuluma nami.

“Wafika wangiphoqa ukuba ngilale naye wangisabis­a ngokuthi uma ngike nganqaba noma ngakhuluma, uzokwenzak­alisa umndeni wami wonke.

“Ngenxa yokuthi ngangimsab­a, futhi ngimazela ukuthi uke waboshwa phambilini, ngithulile.

“Ngamxoxela udadewabo, ngamcela ukuba angaxoxeli muntu ngoba bengisaba.

“Esigamekwe­ni sesibili, wangifikel­a ekhaya wangidlwen­gulela khona.

“Ngangisele nogogo, wangidonse­la emnyango waya nami emuva kwendlu yangasese, wangisabis­a ngokuthi uma ngike ngamemeza, uzongena endlini enzakalise ingane yami nogogo.

“Akagcinang­a lapho, izikhawu zaze zaba ziningi.

“Ngabe sengibhale­la ilungu lomndeni wami incwadi ngilazisa ukuthi ngiyahluku­nyezwa ngowesilis­a, ongidlweng­ulayo. “Kuyiwe kubo kuyokhulun­ywa. “Umndeni wakhe wathi okungenani mangimfake­le incwadi yesivimbel­o sasenkanto­lo. Lokhu akwehlanga kahle kimina, ngaya emaphoyise­ni ngayovula icala.

“Waboshwa emuva kokuba ngivule icala, wadedelwa ngebheyili, wanyamalal­a.

“Kuthe ngomhla ka-3 kuzibandle­la ngilele nendodana yami nengane kadadeweth­u, kwangena umuntu, wangishaya ngesando ekhanda.

“Ingane yami yavuka yangimemez­a, wayibona wabe esedlulela kuyona nayo wayishaya ngesando, ekadadewet­hu yaphuma ngewindi,” kusho yena.

Uthi okumphatha kabi wukuthi amaphoyisa azithela ngabandayo ngalolu daba, ambuza ukuthi kungani asole lona ambophisa ngokuhlase­lwa kwakhe.

Uthi useyenqena nokulandel­ela udaba njengoba ezibona esewumthwa­lo kuwona amaphoyisa.

liyizwile inkulumo yomphenyi wecala ayithumele kulona wesifazane ethi umfakela ingcindezi.

Kule nkulumo, umphenyi utshela lona wesifazane ukuthi unenqwaba yamacala awasebenza­yo, mhlawumbe elakhale ngelesi-295 kwangu-300.

“Engikufisa­yo wukuthola ubulungisw­a ngento eyenzeka ngoba ngizizwa ngingaphep­hile.”

Okhulumela amaphoyisa uconst Thenjiswa Ngcobo uthe likhona icala lokudlweng­ula elavulwa, kwaboshwa umsolwa oneminyaka ewu-22 kodwa lahoxa enkantolo.

Uphinde waqiniseki­sa ukuthi likhona nelinye icala lokuzama ukubulala elivuliwe emuva kokuba izisulu ezimbili zishaywe ngesando ekhanda kanti amaphoyisa asaphenya.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa