Udkt VVO wexwayisa iziguli ngamaqola
Uthi asebenzisa igama nezithombe zakhe
UKHALA ngamaqola acekela phansi igama lakhe ngokuwaka imali kubantu abasuke bedinga usizo lwesintu umelaphi wendabuko ophinde abe yisazi kwezamasiko udkt Velaphi VVO Mkhize, onesigodlo emlambomunye, ngaphandle kwasemgungundlovu.
Udkt Mkhize uthinte leli phephandaba ngenhloso yokwedlulisa isexwayo ngowesilisa, amchaze ngokuthi uphume umkhankaso wokudla imali yabantu esebenzisa igama nezithombe zakhe.
Uthi phambilini kuke kwenzeka into enje kusetshenziswa igama lakhe.
“Ngonyaka ka-2018/19 kube nezimo ezifanayo lapho khona abantu bebethatha imali yabantu.
“Nakhona lapho abantu bebekhokhiswa imali esukela ku-r1500, emuva kwalokho bafike bezokhala esigodlweni sami, sebesho ukuthi bafake imali yabo ngethemba lokuthi bazothola usizo.
“Ngazivala izinombolo obekuqo-lwa ngazo abantu.
“Ngavula necala esiteshini samaphoyisa asempangeni.
“Kuze kube manje kanginalwazi lokuthi laphelela kuphi lelo cala.
“Namanje kunowesilisa ongeyena wokuzalwa kuleli laseningizimu-afrika, oqola abantu imali.
“Ukhuluma ngokuzethemba uma eyalela abantu ngokuthi ungowalapha emlambomunye, kanti usenga ezimithiyo.
“Ngixwayisa umphakathi ukuba uqaphele ngoba leli qola liphume umkhankaso wokudla imali yabantu.
“Iyangikhathaza le nto ngoba lapha sisebenza ngendlela eqondile futhi ehambisana nobuntu.
“Kumanje kunamacala avuliwe emaphoyiseni ngabantu baqolwe imali yabo,” kusho udkt Mkhize.
Uqhube wathi yena unezindawo zokusebenzela egoli, ethekwini nasemgungundlovu.
“Ethekwini ngisebenzisa inombolo eqala ngo-087, egoli inombolo yakhona iqala ngo-010.
“Nakhona ngazithola sengiphoqeleka ukushintsha izinombolo ngoba ngibalekela wona amaqola.
“Selokhu ngaqala ukuvela emaphephandabeni nakumabonakude, kunabantu ababona ithuba lokuntshontsha izithombe zami maqede bazibize ngami.
“Kangiyithathi mina imali yabantu ngaphambi kokuba benzelwe umsebenzi,” kusho udkt Mkhize.