Ilanga Lempelasonto

Udkt VVO wexwayisa iziguli ngamaqola

Uthi asebenzisa igama nezithombe zakhe

- PHUMLANI GAMA

UKHALA ngamaqola acekela phansi igama lakhe ngokuwaka imali kubantu abasuke bedinga usizo lwesintu umelaphi wendabuko ophinde abe yisazi kwezamasik­o udkt Velaphi VVO Mkhize, onesigodlo emlambomun­ye, ngaphandle kwasemgung­undlovu.

Udkt Mkhize uthinte leli phephandab­a ngenhloso yokwedluli­sa isexwayo ngowesilis­a, amchaze ngokuthi uphume umkhankaso wokudla imali yabantu esebenzisa igama nezithombe zakhe.

Uthi phambilini kuke kwenzeka into enje kusetshenz­iswa igama lakhe.

“Ngonyaka ka-2018/19 kube nezimo ezifanayo lapho khona abantu bebethatha imali yabantu.

“Nakhona lapho abantu bebekhokhi­swa imali esukela ku-r1500, emuva kwalokho bafike bezokhala esigodlwen­i sami, sebesho ukuthi bafake imali yabo ngethemba lokuthi bazothola usizo.

“Ngazivala izinombolo obekuqo-lwa ngazo abantu.

“Ngavula necala esiteshini samaphoyis­a asempangen­i.

“Kuze kube manje kanginalwa­zi lokuthi laphelela kuphi lelo cala.

“Namanje kunowesili­sa ongeyena wokuzalwa kuleli laseningiz­imu-afrika, oqola abantu imali.

“Ukhuluma ngokuzethe­mba uma eyalela abantu ngokuthi ungowalaph­a emlambomun­ye, kanti usenga ezimithiyo.

“Ngixwayisa umphakathi ukuba uqaphele ngoba leli qola liphume umkhankaso wokudla imali yabantu.

“Iyangikhat­haza le nto ngoba lapha sisebenza ngendlela eqondile futhi ehambisana nobuntu.

“Kumanje kunamacala avuliwe emaphoyise­ni ngabantu baqolwe imali yabo,” kusho udkt Mkhize.

Uqhube wathi yena unezindawo zokusebenz­ela egoli, ethekwini nasemgungu­ndlovu.

“Ethekwini ngisebenzi­sa inombolo eqala ngo-087, egoli inombolo yakhona iqala ngo-010.

“Nakhona ngazithola sengiphoqe­leka ukushintsh­a izinombolo ngoba ngibalekel­a wona amaqola.

“Selokhu ngaqala ukuvela emaphephan­dabeni nakumabona­kude, kunabantu ababona ithuba lokuntshon­tsha izithombe zami maqede bazibize ngami.

“Kangiyitha­thi mina imali yabantu ngaphambi kokuba benzelwe umsebenzi,” kusho udkt Mkhize.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa