Ikhiphe ingoma indodana yomculi
Uthina uthi uzomcathulisa undumiso akwazi ukusheba umculo nemfundo
ISILOMO somculi we-gospel uthina Zungu si-thi sihlulekile wukuli-nda indodana yaso undumiso ifinyelele eminyakeni eyishumi ukuze ikhiphe umucu wayo wokuqala kulo mkhakha. Ngolwesihlanu uthina nondumiso bakhiphe izingoma ngosuku olufanayo njengoba ziqale ukutho-lakala kuzona zonke izinkundla ezithengisa ngomculo.
Uthina ukhiphe izingoma ezintathu kwa-thi indodana yakhe yakhipha eyo-dwa, esihloko sithi, Akasoze akulahle.
Ngonyaka owedlule kumangale abaningi ngesikhathi uthina ememezela ukuthi uzovumela indodana yakhe ilandele ezicathulweni zakhe. Lokhu kulandele ngedili lomculo lapho undumiso aveza khona ikhono lakhe phambi kwabantu emcimbini owabe usethe Station ethekwini.
Kulo mcimbi iningi labantu laphuma lingawuvali umlomo, libabaza ikhono nokukhula ngomqondo kwendodana kathina emculweni.
Ekhuluma NE-LANGA Langesonto ngolwesihlanu uthina, uthe phambilini wayezitshela ukuthi uzokhipha ingoma yendodana yakhe yokuqala uma isineminyaka eyishumi.
“Ngenxa yokubona intshisekelo ekhonjiswa ngabantu uma ngihamba naye emicimbini futhi kwesinye isi-khathi
uma ngimenywa aba-ntu bangicela ukuthi ngifike naye, ngizizwe ngihluleka ukuthi ngilinde. Yingakho ngisheshe ngayikhipha ingoma yakhe,” kuphawula uthina ngendodana yakhe eneminyaka ewu-9 ubudala.
Uthi uqale ukubona ithalente lendodana yakhe iseneminyaka emihlanu kodwa wazitshela ukuthi wuthando nje lwezingoma zikayise.
“Ngesikhathi ngimqaphela ngamtshela ukuthi uma eqhubeka kanje, kuzothi uma eseneminyaka eyishumi ngimkhiphele ingoma. Ngeshwa ngihlulekile wukulinda ngenxa yengcindezi nothando abantu abamkhombisa lona.
“Okunye ngaphandle kwengcindezi ngibone nokukhula kwakhe ngokomqondo nokukwazi ukuthi ame acule phambi kwabantu, ngabona ukuthi usekulungele ukungena kulo mkhakha,” kusho uthina. Uthe ngeke ayijahe indodana yakhe kodwa uzoyicathulisa ikwazi ukusheba imfundo nomculo. “Ngiyafuna aqhubeke nokufunda aze agogode ukuze akwazi ukusheba umculo nemfundo, yingakho ngizomeseka nxazonke ukuze aphumelele,” kusho yena.
Uthe okuhle ngendodana yakhe wukuthi kayizami ukuzenza yena kodwa izenzela izinto ngendlela yayo nakuba kukhona ukuthi izalwa wuyena. Uthina uthe naye ezingomeni azikhiphile akagudlukile ekubeni wuyena nesitayela aziwa ngaso. Uthe usezinhlelweni zokukhipha i-albhamu egcwele maphakathi nonyaka, kanti nakanjani ngonyaka ozayo uzokhipha eyendodana yakhe. Uphethe ngokuthi zonke izingoma abazikhiphile zitholakala kuzona zonke izinkundla ezithengisa ngomculo.