Ilanga Lempelasonto

Ikhiphe ingoma indodana yomculi

Uthina uthi uzomcathul­isa undumiso akwazi ukusheba umculo nemfundo

- LUCKY CAIN

ISILOMO somculi we-gospel uthina Zungu si-thi sihlulekil­e wukuli-nda indodana yaso undumiso ifinyelele eminyakeni eyishumi ukuze ikhiphe umucu wayo wokuqala kulo mkhakha. Ngolwesihl­anu uthina nondumiso bakhiphe izingoma ngosuku olufanayo njengoba ziqale ukutho-lakala kuzona zonke izinkundla ezithengis­a ngomculo.

Uthina ukhiphe izingoma ezintathu kwa-thi indodana yakhe yakhipha eyo-dwa, esihloko sithi, Akasoze akulahle.

Ngonyaka owedlule kumangale abaningi ngesikhath­i uthina ememezela ukuthi uzovumela indodana yakhe ilandele ezicathulw­eni zakhe. Lokhu kulandele ngedili lomculo lapho undumiso aveza khona ikhono lakhe phambi kwabantu emcimbini owabe usethe Station ethekwini.

Kulo mcimbi iningi labantu laphuma lingawuval­i umlomo, libabaza ikhono nokukhula ngomqondo kwendodana kathina emculweni.

Ekhuluma NE-LANGA Langesonto ngolwesihl­anu uthina, uthe phambilini wayezitshe­la ukuthi uzokhipha ingoma yendodana yakhe yokuqala uma isineminya­ka eyishumi.

“Ngenxa yokubona intshiseke­lo ekhonjiswa ngabantu uma ngihamba naye emicimbini futhi kwesinye isi-khathi

uma ngimenywa aba-ntu bangicela ukuthi ngifike naye, ngizizwe ngihluleka ukuthi ngilinde. Yingakho ngisheshe ngayikhiph­a ingoma yakhe,” kuphawula uthina ngendodana yakhe eneminyaka ewu-9 ubudala.

Uthi uqale ukubona ithalente lendodana yakhe iseneminya­ka emihlanu kodwa wazitshela ukuthi wuthando nje lwezingoma zikayise.

“Ngesikhath­i ngimqaphel­a ngamtshela ukuthi uma eqhubeka kanje, kuzothi uma eseneminya­ka eyishumi ngimkhiphe­le ingoma. Ngeshwa ngihluleki­le wukulinda ngenxa yengcindez­i nothando abantu abamkhombi­sa lona.

“Okunye ngaphandle kwengcinde­zi ngibone nokukhula kwakhe ngokomqond­o nokukwazi ukuthi ame acule phambi kwabantu, ngabona ukuthi usekulunge­le ukungena kulo mkhakha,” kusho uthina. Uthe ngeke ayijahe indodana yakhe kodwa uzoyicathu­lisa ikwazi ukusheba imfundo nomculo. “Ngiyafuna aqhubeke nokufunda aze agogode ukuze akwazi ukusheba umculo nemfundo, yingakho ngizomesek­a nxazonke ukuze aphumelele,” kusho yena.

Uthe okuhle ngendodana yakhe wukuthi kayizami ukuzenza yena kodwa izenzela izinto ngendlela yayo nakuba kukhona ukuthi izalwa wuyena. Uthina uthe naye ezingomeni azikhiphil­e akagudluki­le ekubeni wuyena nesitayela aziwa ngaso. Uthe usezinhlel­weni zokukhipha i-albhamu egcwele maphakathi nonyaka, kanti nakanjani ngonyaka ozayo uzokhipha eyendodana yakhe. Uphethe ngokuthi zonke izingoma abazikhiph­ile zitholakal­a kuzona zonke izinkundla ezithengis­a ngomculo.

 ?? ??
 ?? ?? UTHINA Zungu nendodana yakhe undumiso.
UTHINA Zungu nendodana yakhe undumiso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa