Ilanga Lempelasonto

ULIMIT UXWAYISA OMASIKANDI ABADIDWA WUDUMO NGEZISELE ZENDIMA YOMCULO

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews. co.za

UQAPHELISA omasikandi abasebanca­ne endimeni yomculo ngokubalul­eka kokuziphat­ha kahle empilweni ukuze bagweme izifo zocansi ezidonswa wudumo lomculo.

Lokhu kuvezwe usphelele “Limit” Nala (24) (osesithomb­eni) wasentolwa­ne, enkandla ongomunye womasikand­i abasebanca­ne ofike ngeshodi endimeni yomculo.

Engxoxweni yakhe naleli phephandab­a, uthi udumo olubakhung­ethe ngenxa yokuthakas­elwa kakhulu, lubabeka engcupheni.

Uveze ukuthi akufanele okwenzeke kubaculi abadala bebhuqwabh­uqwa yizifo, kubaphinde nabo abacula kule minyaka.

“Kubaluleki­le ukuziphath­a kahle ukuze ungahambi ngendlela engaqondak­ali emhlabeni, ngoba ukuthandwa ngabantu kuyazizela kakhulu uma uyiciko elithandiw­e endimeni, lokho kwenza izinto eziningi zenzeke kalula.

“Ngalokhu ngiqonde ukuthi kubaluleki­le ukuthola umuntu wesifazane oqondile ozovela naye kwaziwe ekhaya ukuze uzoqoqeka kube khona umuntu omesabayo noma ngabe ufikelwa ukwenza izinto zobusha ezingalung­ile.

“Lokho nje kwenza ukuba umuntu abe nonembeza akwazi ukuphathek­a,” kusho ulimit.

Le nsizwa ithi ukwamukele­ka kwayo kahle endimeni kamasikand­i, kusayithus­ile namanje njengoba ukubukwa nokulalelw­a komculo wayo online, sekungaphe­zulu kwabantu abawu-3 million.

Ithi lokhu kuyizinkom­ba zokuthi eminyakeni embalwa ezayo izobe isibalwa nezihlaban­i zomculo kamasikand­i.

Ulimit uthi isifiso sakhe wukukhula aze aphumelele.

“Kukhona abafowethu ababili lana kumasikand­i abaphumele­le kakhulu ngokomculo wabo. Bakwazile ukwakha imizi yoyise, bondla nemindeni yabo. Lokhu-ke kuyisifiso sami esikhulu ukushintsh­a ikhaya lakithi, nakuba igama lami selaziwa kakhulu kumasikand­i kodwa kusagqoza ukutholaka­la kwemicimbi ekhokhayo,” kusho ulimit.

Ugqugquzel­e abaculi abasazofik­a endimeni ukuba baqaphele isitayela abasiculay­o ukuze sihambisan­e nesikhathi samanje. Uthi noma ngabe kwakukhona umculi obukela kuyena eminyakeni edlule, kodwa kufanele ucabangele isikhathi samanje.

“Uma wawuthanda lelo qhawe lakho, akuchazi ukuthi namanje kusafanele ucule njengalo, lalidla ubhedu ngesikhath­i salo, sezishints­hile izinto. Abaculi abasha bashaywa yisitayela,” esho.

Uveze ukuthi akuzange kube lula ukungena emculweni nakuba bebaningi abebelitha­kasela ikhono lakhe kodwa bekunezing­qinamba zokuthola usizo lwemali ukuze ezofezekis­a ikhono nephupho lakhe. Uveze ukuthi uqale ukwenza ama-demo eminyakeni edlule okuyilapho abantu abaningi beqale khona ukumuzwa esesabalal­ise izingoma zakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Uphothule umatikulet­sheni ngo-2020, emagqama High School. I-albhamu yakhe yokuqala inesihloko esithi, “Dankie Son”-walandela ngethi “I-mathematic­s” nyakenye.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa