UBUTHUNTU BOMTHETHO BUBEKA IZAKHAMIZI ENGCUPHENI
MHLELI: Ubuthuntu bomthetho wezwe lethu bubeka izakhamizi engcupheni. Sila esikhona nje ubuthuntu bawo.
Emanguzi/mhlabuyalingana siqeda ukungcwaba umnu Juda Mthethwa, unyambose, obeyishoshozela lokulwa nokuwezwa kwezimoto lezi ezintshontshwa kuleli ziwelele komozambique nokuthiwa uma sezingale, uhulumeni wakhona ugoloza nazo.
Asazi-ke isizathu sokugoloza esani uma umuntu eseyibona impahla yakhe. Yena uhulumeni wethu uthula athini kulezo zimo? Futhi kuyacaca sinabantu la ngaphakathi abasebenza nabakhona emozambique kulobu bugebengu, abebekhona kubulawa unyambose. Uma kunjena kwenziwe njanike?
La sinezinhlobo ngezinhlobo zobugebengu ebezingeke zibekhona ukuba umthetho bewuqinile. Sinexenophobia ebangelwe yikho njalo ukuxega komthetho kwabantu abeza la bagcine bezobanga ingcosana yamatoho akhona kubantu bakuleli.
Kwaphinda kwaba yistate Capture esibhubhisile, kubhubhisa abaphathi bezwe emalini engabe isiza umphakathi. Iningi belithi lingabona selibanjiwe, gwiqiqi ngakusasa uzwe kuthiwa umuntu usesulile kuleso sikhundla.
Kulandele ukutapa ezitolo (looting) okuhambe neminingi imiphefumulo yabantu abebeganga, bagcina becindezelwa yizimpahla abebezithatha ngokungemthetho. Amaqembu aphikisayo agcina esethi yingoba abantu balambile, abanamisebenzi, okungelona iqiniso.
Izigebengu zinamaningi amalungelo lawa, kunezisulu. Zigcina zifunda zigogoda emajele zona, wena ube ubulawelwe isihlobo sakho ebesondla umndeni.
Uma amaphoyisa ethi ukuqinisa isa-ndla ngoba iqiniso lingaphumi zigcina zithi zakhuluma amanga ngoba zazishaywa. Engani phela ziyazi ilungelo lazo liyaphiki-sana nokuthi zishaywe.
Cha, uhulumeni ake ushintshe ukwenza ngomthetho uqine. Imingcele ayivalwe thaqa-ke, bahambe laba abehla benyuka la abangenamaphepha nabangazi bazokwenzani. Sosale sizibona ezengabadi izigebengu ngoba nathi sinazo.
Bese kuqoqwa zonke lezi zibhamu ezigcwele kubantu kubhekwane nama-tavern avula kuze kuse. Ngo-20h00 umuntu akaye kubo noma kwakhe ayolala. Izwe lingalunga.