Ilanga Lempelasonto

UBUTHUNTU BOMTHETHO BUBEKA IZAKHAMIZI ENGCUPHENI

- Ngusibusis­o Madoda Hadebe ekatlehong

MHLELI: Ubuthuntu bomthetho wezwe lethu bubeka izakhamizi engcupheni. Sila esikhona nje ubuthuntu bawo.

Emanguzi/mhlabuyali­ngana siqeda ukungcwaba umnu Juda Mthethwa, unyambose, obeyishosh­ozela lokulwa nokuwezwa kwezimoto lezi ezintshont­shwa kuleli ziwelele komozambiq­ue nokuthiwa uma sezingale, uhulumeni wakhona ugoloza nazo.

Asazi-ke isizathu sokugoloza esani uma umuntu eseyibona impahla yakhe. Yena uhulumeni wethu uthula athini kulezo zimo? Futhi kuyacaca sinabantu la ngaphakath­i abasebenza nabakhona emozambiqu­e kulobu bugebengu, abebekhona kubulawa unyambose. Uma kunjena kwenziwe njanike?

La sinezinhlo­bo ngezinhlob­o zobugebeng­u ebezingeke zibekhona ukuba umthetho bewuqinile. Sinexenoph­obia ebangelwe yikho njalo ukuxega komthetho kwabantu abeza la bagcine bezobanga ingcosana yamatoho akhona kubantu bakuleli.

Kwaphinda kwaba yistate Capture esibhubhis­ile, kubhubhisa abaphathi bezwe emalini engabe isiza umphakathi. Iningi belithi lingabona selibanjiw­e, gwiqiqi ngakusasa uzwe kuthiwa umuntu usesulile kuleso sikhundla.

Kulandele ukutapa ezitolo (looting) okuhambe neminingi imiphefumu­lo yabantu abebeganga, bagcina becindezel­wa yizimpahla abebezitha­tha ngokungemt­hetho. Amaqembu aphikisayo agcina esethi yingoba abantu balambile, abanamiseb­enzi, okungelona iqiniso.

Izigebengu zinamaning­i amalungelo lawa, kunezisulu. Zigcina zifunda zigogoda emajele zona, wena ube ubulawelwe isihlobo sakho ebesondla umndeni.

Uma amaphoyisa ethi ukuqinisa isa-ndla ngoba iqiniso lingaphumi zigcina zithi zakhuluma amanga ngoba zazishaywa. Engani phela ziyazi ilungelo lazo liyaphiki-sana nokuthi zishaywe.

Cha, uhulumeni ake ushintshe ukwenza ngomthetho uqine. Imingcele ayivalwe thaqa-ke, bahambe laba abehla benyuka la abangenama­phepha nabangazi bazokwenza­ni. Sosale sizibona ezengabadi izigebengu ngoba nathi sinazo.

Bese kuqoqwa zonke lezi zibhamu ezigcwele kubantu kubhekwane nama-tavern avula kuze kuse. Ngo-20h00 umuntu akaye kubo noma kwakhe ayolala. Izwe lingalunga.

 ?? ISITHOMBE NGABE: KZNONLINE.GOV.ZA ?? UNDUNANKUL­U wakwazulu-natal unkk Nomusa Dube-ncube ethula inkulumo kufihlwa umnu Juda Mthethwa.
ISITHOMBE NGABE: KZNONLINE.GOV.ZA UNDUNANKUL­U wakwazulu-natal unkk Nomusa Dube-ncube ethula inkulumo kufihlwa umnu Juda Mthethwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa