Ilanga Lempelasonto

Baxova isifunda sasemkhany­akude osombusazw­e abangamago­vu

-

MHLELI: Kuyadabuki­sa ukubona usizi luqonga kubantu besifunda sasemkhany­akude, njengoba isimo sozinzo sidungekil­e ngenxa yabaholi abangamago­vu ngokuzicab­angela bona nemindeni yabo.

Le nto igqame kakhulu emkhandlwi­ni wesifunda njengoba kuyinhlamb­a engasoze yalibaleka kubantu abawukhumb­intethe, kwelokuthi umbuso usezandlen­i zalabo abayiziqhw­aga ngokuqhoqh­obala izikhwepha zombuso ngenkani, nangokupha­mbana nentando yezwi kanye nokukhetha kwabantu kulolu khalo.

Ayikhulume­ki futhi ayichazeki eyokushing­ila ngenkani kweqembu likakhongo­lose njengoba ligweve nesicoco somkhandlu ngokuphiki­sana nenkambiso yezwe.

Kuyiqiniso ukuthi iqembu lenkatha yilona elavunwa yizinhlizi­yo zabantu okhethweni lwakamuva lohulumeni bezindawo, kodwa okwethusay­o wukubona iqembu likakhongo­lose linqwaha nesihlalo sombuso ngendlela ephikisana­yo nentando yezihlwele zakulesi sifunda.

Kuyadabuki­sa nje nakho ukubona leli qembu le ANC liqhomoloz­e phambili kulo mkhandlu ngokuncika obondeni lwezinkant­olo, hhayi ekuthobele­ni izifiso zesizwe.

Kuyaxaka ngoba kakade besizwa leli qembu liqholosha ngokuthi liwumbutho wabantu, yize sekucaca ukuthi abantu abasekho eviyweni labo, kodwa kunalokho sengathi sebala-ndelwa yimihlane yabo kuphela, ku-ngenjalo phela nga-be umkhanyaku-de ba-wuphethe ngokwesekw­a ngabantu, hhayi izinka-ntolo.

Umkhandlu wasemtubat­uba nawo ungomunye owathelele­ka ngeshobolo kwazise nawo unesi ‘shozi’ sodungunya­ne, ekanti nakhona kuyakhomba ukuthi abafowethu baka-khongolose bamagange ngokufaka ‘unyawo lwedada’ ngezizathu ezingaqond­akali.

Umlando omfushane wakulo mkhandlu ukhomba ukuthi iqembu le ANC lawuhlwith­a khathisimb­e nyakenye maqede kwanyomfek­a izinto eziningi, njengoba kwanyulwa ngamawala kogalaza eziko, nokuthe nxashane iqembu lenkatha seliwuthat­ha lo mkhandlu ngokusemth­ethweni kwafumanis­eka ukuthi izitho embizeni kazisaphel­elanga.

Kuvela nokuthi abe IFP baphuma

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa