Ilanga Lempelasonto

Kuvela eyokungena­mi kwesitobha sechiefs

Ukunyiwa yisikimu sekusikhip­he nakwibafan­a Bafana

- SENZO SOKHELA

KUPUTSHUKA ezithi isitobha sekaizer Chiefs sihlela ukuphuma kule kilabhu ngenxa yokuthi sizibona sesifana nefenisha njengoba sisizwa ngendaba isikimu.

Unjabulo Ngcobo ujoyine le kilabhu kumasizini ambalwa adlule esuka kwiswallow­s FC abefana nokhonkolo odongeni lwayo emuva.

Usayiniswe yichiefs ekade eqokwe njengomdla­li wasemuva ovelele wesizini kwipremier Soccer League (PSL).

Ufike ephefeni walithola ijezi ngaphansi komqeqeshi ustuart Baxter, yize ubemdlalis­a enkabeni yesisu.

Nokho selokhu kuqashwe u-arthur Zwane njengomqeq­eshi, isikimu usesizwa ngendaba.

Leli phephandab­a lithole ukuthi lesi sitobha, esidabuka emthwalume, ogwini oluseningi­zimu yekwazulu-natal, kasiseneme ngokuba kwichiefs, sesifuna ukuhamba. Umthombo osondelene

kakhulu nalo mdlali, uthe: “Nakuba ungcobo engakayazi­si ichiefs ngemizwa yakhe, kodwa umphathi wakhe, okunguyena omsayinise kwichiefs, uyazi ukuthi lo mdlali ufuna ukuhamba.

“Ichiefs imphethe ngokweqoph­elo eliphezulu; akakhali ngalutho.

“Inkinga wukuthi uyabona ukuthi umqeqeshi akamuzwisi­si kahle.

“Yize esanenkont­ileka nechiefs kodwa ufuna ukuhamba aye lapho ezonikwa khona ithuba lokudlala.

“Into emkhalisa kakhulu wukuthi ngesikhath­i eya kwichiefs ubezitshel­a ukuthi izomsiza avulekelwe ngamathuba okudlala njalo kwibafana Bafana kodwa akasabizwa nhlobo, njengoba engadlali.

“Kodwa-ke indaba yakhe umphathi wakhe uzoyilungi­sa kahle ngokuphela kwesizini.” Umpendulo Nyuswa, ophethe izindaba zikangcobo, ebuzwa ngalolu daba, uthe: “Lokhu ongibuza khona ngongcobo ngiqala ukukuzwa ngawe. “Yebo yena akadlali kodwa ulinde ithuba lakhe, yingakho ejima ngokuzikha­ndla njengoba ebuye azijimele yedwa. “Eyokuthi ufuna ukuhamba akuyona into engingathi useke wayikhulum­a kimina, okwamanje ngazi ukuthi usajabule kwichiefs.”

 ?? ?? UNJABULO Ngcobo
www. ilanganews.co.za
UNJABULO Ngcobo www. ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa