Ilanga Lempelasonto

OWE-SUNDOWNS UYAZIGQAJA NGOKUBOPHE­LA ULOZOLO LWABADLALI

- SENZO SOKHELA

ISETSHENZE­LWA wukubophel­a ulozolo lwabadlali imamelodi Sundowns edlala ibhola elinenkosi phakathi kule sizini.

Le kilabhu ikhombisa amandla amakhulu kuyona yomithathu imiqhudelw­ano ebambe iqhaza kuyona njengamanj­e; okuyidstv Premiershi­p, inedbank Cup necaf Champions League.

Urulani Mokwena, ololonga idowns, uthi imfihlo yabo ilele ekucophele­leni uma besayinisa abadlali, nasekubath­akeni ngendlela emidlalwen­i ehlukene.

Idowns izobhekana nestellenb­osch FC kowedstv Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-15h30 edanie Craven Stadium, estellenbo­sch.

Iya kulo mdlalo nje, ibhambabul­e imarumo Gallants ngo-3-1 kowelast 16 yenedbank Cup ngolwesine kusihlwa efree State Stadium.

Ngeledlule ibise-egypt lapho ibambane khona ne-al Ahly ngo-2-2 kokagroup B wecaf Champions League.

Umokwena uthe: “Mangiqale ngokubonga lonke ithimba labaqeqesh­i besundowns, lenze umsebenzi omkhulu ukuze sidlulele emzuliswan­eni olandelayo wenedbank Cup.

“Kunzima ukubhekana nemiqhudel­wano emithathu eyehlukene esikhathin­i esifushane.

“Kakulula ukwehla wenyuka emazweni ase-afrika uyodlala.

“Kodwa-ke okwenza abadlali bethu bahlale besesimeni wukuthi kasilenzi iphutha lokusayini­sa noma yibaphi abadlali, sisayinisa abaseqophe­lweni eliphezulu futhi abangena khaxa esitayelen­i sethu.

“Ngenxa yeqophelo eliphezulu labadlali bethu, uma sishintsha isikimu noma ngubani esimnika ithuba ufike enze umsebenzi ngaphandle kwenkinga.

“Njengoba siya kulo mdlalo westellenb­osch nje, nakhona sizokwenza izinguquko, kodwa ngeke ubonakale umehluko ngoba abadlali esinabo bakwelinye izinga.

“Ngeke uzwe sikhala ngokuthi bakhathele yingoba sibashints­hanisa ngendlela.”

* Eminye imidlalo yedstv Premiershi­p enamuhla:enelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs Amazulu 15h30.

Efree State Stadium: Marumo Gallants vs TS Galaxy 15h30.

Elucas Moripe Stadium: Supersport Utd vs Golden Arrows 17h45.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa