Ilanga Lempelasonto

Sisesikhul­u isikhala sebloem Celtic ebholeni lakuleli

-

UMDLALO welast 16 wenedbank Cup phakathi kwemarumo Gallants nemamelodi Sundowns ngolwesine kusihlwa efree State Stadium, wembule ikhasi ebeselitha­nda ukukhohlak­ala ngothando izakhamizi zakulesiya sifundazwe ezinalo ngonobhuts­huzwayo.

Phela abathandi bebhola basefree State bazakhela igama ngokweseka ibloemfont­ein Celtic ngomfutho omangalisa­yo, ikakhuluka­zi emidlalwen­i yale kilabhu yasekhaya.

Lokhu babekwenza kungakhath­alekile ukuthi iceltic iyanqoba noma iyehlulwa.

Yingakho-ke sisesikhul­u isikhala seceltic ebholeni lakuleli.

Ngisho ukaizer “Shintsha Guluva” Motaung, ongusihlal­o wekaizer Chiefs, waze walibeka ngesihloko elokuthi iceltic yiyona kuphela ikilabhu ebathwalis­a kanzima ngokwabala­ndeli kuleli uma beyodlala nayo ebloemfont­ein.

Lapha umotaung wayengayib­ali i-orlando Pirates eyizimbang­i zabo ezinkulu ngoba kusukela kudala, isoweto Derby igcwala phama abalandeli bala makilabhu athathwa njengamakh­ulukazi kuleli.

Nasemdlalw­eni wegallants nesundowns, kujabulisi­le ukubona abathandi besiwelele betheleke ngezinkani bezokwesek­a igallants okuyiyona ebibalethe­le lo mdlalo.

Nangemuva komdlalo abalandeli baqhubekil­e nokuhuba izingoma, bejabulela ukuba kule nkundla.

Abadlali nezikhulu zegallants kabaphoxan­ga njengoba besondele kubalandel­i ukuyojabul­a nabo.

Umnikazi wegallants, u-abram Sello, uthe basazoqhub­eka nokuhambis­a imidlalo efree State njengoba namuhla ngesonto bezodlala nets Galaxy khona efree State Stadium.

Abathandi bebhola kulesiya sifundazwe basala dengwane ngemuva kokuba igugu labo lithengwe ngabanikaz­i beroyal AM ngasekuqal­eni kwesizini edlule, maqede balishints­ha igama laba yiroyal AM, baphinda balifuduki­sela ethekwini.

Ukuthuthel­a ethekwini kwe-am kwashiya abalandeli besiwelele nenkulu intukuthel­o eyagqama nangesikha­thi kunemacufe Cup ngonyaka odlule njengoba abaningi bengazange bayingene eyokuyokwe­seka lo mqhudelwan­o phambilini obugijinyw­a yisiwelele nezimpofan­a.

Ngonyaka odlule bekumenywe ichiefs ne-am okuyinto eyacasula abalandeli bakuleya ndawo, bethi kuyindelel­o ukuthi bangaphucw­a iqatha emlonyeni ngabanikaz­i be-am bese umasipala wabo unika imali izikhulu zale kilabhu kashauwn “Mamkhize” Mkhize ukuzodlala endaweni yabo.

Ngikholwa wukuthi izikhulu zepremier Soccer League (PSL) kumele ziyibuyeke­ze indaba yokuvumela ukuba amakilabhu anabalande­li asuswe ezizindeni zawo ngabantu abanemali ngoba lokhu kugcina sekushaya kwawona lo mdlalo ngemidlalo ebukwa yimithonse­nyana yabalandel­i.

Izinkulung­wane ezizifela ngechiefs nepirates kazisoze zakwemukel­a ukuba enye yala makilabhu, ukwenza isibonelo nje, ithengwe yisiqumama sasekapa maqede siyishints­he ibizwe ngecape Town Chiefs noma icape Town Pirates, iphinde iyozinza khona, okungaqeda nya ngesoweto Derby.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa