Ilanga Lempelasonto

BAPHONSELW­E INSELELO ABE-CHIEFS KUBUNGAZWA IMPILO KA-BIZZAH DLAMINI

- NASH NGCOBO

IKAIZER Chiefs nomndeni kamichael “Bhizzah” Dlamini bakhumbule lo mdlali emcimbini obukwakhe enewlands West ethekwini, maqede yenza ayedume ngakho uma edlala ne-orlando Pirates ngokuyehlu­la ngo-1-0 emdlalweni womkhaya wakamuva.

Lokhu kulandele izinkulumo zabadlali abayibamba nobhizzah abebemele ichiefs kulo mcimbi zokuthi lo mdlali wayekukhon­ze kakhulu ukushaya amagoli amaningi ikakhuluka­zi uma bedlala nepirates, osekuyivel­a kancane uma kududulana lezi zinkunzi zasesoweto.

Abadlali abebemele ichiefs kulo mcimbi ngujoseph “Banks” Sethlodi, ubigboy Kholoane, ujackie Masike nolucky Stylianou abadlulise imiyalezo evela kukaizer Motaung ngale nkakha ebikhunjul­wa, edlule emhlabeni ngo-2017.

Ustylianou ufunde amazwi aqhamuka enaturena abethi: “Siwumndeni wekaizer Chiefs siyabonga ngomnikelo wakho ekusungulw­eni kwale kilabhu nomsebenzi owenzele yona.

“Siyazi ukuthi unathi ngokomoya lapho ukhona futhi uhlala usifisela okuhle kodwa, yingakho sizohlanga­nyela nomndeni wakho emcimbini wokukhunju­lwa kwakho.”

Usethlodi uthe kayikho into eyayijabul­isa ubhizzah ukwedlula ukushaya amagoli.

“Wayengenan­daba nomjiko yize ayewuthand­a, okubalulek­ile kuyena wukubala amabhola ashaye enethini okuyinto ayedume ngayo futhi eyamenza isikwibhis­i sikanombol­o-9 kwichiefs naseningiz­imu Afrika yonkana.

“Yikho lokhu okwamphend­lela isikimu kuzo

zonke izikwati zesa Black XI ezake zabakhona kuleli.

“Kuze kube yimanje akakabi khona umdlali osaphule irekhodi lakhe lokushaya amagoli amathathu emdlalweni owodwa izikhathi eziwu-13,” kusho usethlodi.

Lo nozinti owayezwana kakhulu

nobhizzah naye ukhale ngendlala yamagoli emidlalwen­i yakamuva yechiefs nakwipremi­er Soccer League yonkana.

Uphonsele abadlali bechiefs inselelo yokwephula irekhodi likabhizza­h. “Siyohlala sikukhumbu­la njalo ‘Monkey Jive’, uyibekile induku ebandla.”

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? KWESINGAPH­EZULU yizinsizwa ezazigijim­a nobhizzah Dlamini nenkosikaz­i yakhe umashozi Dlamini. Kwesinye ngamalungu omndeni emcimbini wokwembula itshe emathuneni aseheroes' Acre, echestervi­lle.
KWESINGAPH­EZULU yizinsizwa ezazigijim­a nobhizzah Dlamini nenkosikaz­i yakhe umashozi Dlamini. Kwesinye ngamalungu omndeni emcimbini wokwembula itshe emathuneni aseheroes' Acre, echestervi­lle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa