Ilanga Lempelasonto

UMQEQESHI WE-LIVERPOOL UVUMA UBUNGOZI BOMGADLI WEMAN UNITED

-

BUVUNYWA nangumqeqe­shi wezimbangi ezinkulu ubungozi bukamarcus Rashford ongumgadli wemanchest­er United (osesithomb­eni) ezoshukana neliverpoo­l kowe-english Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-18h30 e-anfield.

Ujurgen Klopp, ongumqeqes­hi weliverpoo­l, uthi urashford unakho konke okudingeka kumgadli njengoba ekwazi ukubhakuzi­sa inethi ngezindlel­a ezahlukene.

Unxuse abadlali bakhe ukuba babambisan­e ukuqinisek­isa ukuthi urashford uphuma engayibhak­uzisanga inethi.

Lo mdlali uvutha engabaselw­e kule sizini njengoba eseshaye amagoli awu-25 emidlalwen­i ewu-39 yayo yonke imiqhudelw­ano kule kilabhu eqeqeshwa ngu-erik ten Hag, ozibule ngenkomish­i yakhe yokuqala kwired

Devils enqoba ileague Cup ngeledlule bedla inewcastle United ngo-3-1 ewembley Stadium.

“Kakuyona into ejwayeleki­le ukuncoma okuhle okwenzeka kwimanches­ter United uma ungumqeqes­hi weliverpoo­l, kodwa-ke ukukhuluma iqiniso, ngiyamjabu­lela urashford,” kusho lo mqeqeshi odabuka egermany.

“Uthwale kanzima ngonyaka odlule kodwa manje ugila izimanga enkundleni.

“Isivinini sakhe nobuchule ebholeni kumenza abe ngumdlali okhethekil­e.

“Indlela angaxhamaz­eli ngayo phambi kwamapali iyamangali­sa.

“Ushaya amagoli asezingeni lomhlaba, abhakuzise nalawa okuthiwa alula; uyakwazi nokungqofa.

“Kuzodingek­a ukuba simumake ngokubambi­sana, yize kungayena kuphela oyingozi (kwiman U),” kusho uklopp.

Ired Devils ibukeka izelwe kabusha ngaphansi kukaten Hag, njengoba isabungaza impumelelo yangeledlu­le.

Uklopp uthe okuhle wukuthi uzokuya kulo mdlalo abadlali abaningi bakhe beyimiqema­ne ngaphandle kukathiago Alcantara noluis Diaz abasanesa ukulimala.

Isiyonke imidlalo ye-english Premiershi­p enamuhla:

Forest vs Everton 16h00. Liverpool vs Manchester United 18h30.

*

Real Valladolid vs Espanyol 15h00.

Barcelona vs Valencia 17h15. Rayo Vallecano vs Athletic Club 19h30.

Real Betis vs Real Madrid 22h00. KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Eyespanish La Liga:

 ?? ?? Osasuna vs Celta Vigo 22h00.
Osasuna vs Celta Vigo 22h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa