Ilanga Lempelasonto

Umkhuleko kasaleng ngepirates

Ubonga ozakwabo ngokumesek­a

- MFANAFUTHI NDLOVU

SITHANDAZE­LA ukugcina umgqigqo omuhle isilomo somgadli we-orlando Pirates, umonnapule Saleng esibhakuzi­se amagoli amathathu ngesikhath­i le kilabhu isikhiphel­a kwiswallow­s FC isibhongo sokudunyaz­wa yikaizer Chiefs ngeledlule.

Ibucs ilobole izinyoni ngo-4-1 kowedstv Premiershi­p ngolwesihl­anu ebusuku edobsonvil­le Stadium, esoweto.

Ezimnyama zithobe izinhliziy­o zabalandel­i bazo emuva kokuba zehlulwe kabuhlungu yichiefs ngo-1-0 ngeledlule.

Amagoli kasaleng angene ngomzuzu ka-6, ngoka-60 nangoka-90 kwathi elikaterre­nce Dzvukamanj­a laqabula inethi ngoka-47.

Elokuzama ukugqiba ihlazo leswallows lize nomthokozi­si

Shwabule.

Kulo mdlalo usaleng uqokwe njengomdla­li ovelele.

Utshele abezindaba ukuthi ukuba khona kwabadlali abanesipil­iyoni eduze kwakhe kuyamsiza njengoba bemgqugquz­ela njalo ukwenyusa ifomu.

“Kube kuhle ukungabaph­oxi abalandeli bethu abafike ngobuningi ekubeni ngeledlule sibadumazi­le sibhekene nechiefs.

“Ngibonga ukuthi ekugcineni sikwazile ukubenza bagoduke bejabule.

“Ngibonga kakhulu kozakwethu ngokungikh­uthaza ukuba ngifinyele­le kuleli zinga.

“Nginethemb­a lokuthi sizoqhubek­a nalo mgqigqo esihamba ngawo nasemidlal­weni ezayo,” kusho usaleng.

Emdlalweni olandelayo ibucs izobhekana nevenda Football Academy kwilast 16 yenedbank Cup ngomgqibel­o ngo-20h00 e-orlando Stadium, esoweto.

Le kilabhu iveze ukuthi izogijima lo mdlalo ngesikwati esiqinile njengoba izimisele ngokwandis­a izinkomish­i ekhabethen­i.

Phela ibucs iyivule kahle isizini inqoba IMTN8 yehlula Amazulu FC ngo-1-0 kowamanqam­u obusethekw­ini ngasekuphe­leni konyaka odlule.

Inedbank Cup ivikelwa yimamelodi Sundowns edlulele esigabeni sama-quarter final

yehlula imarumo Gallants ngo-3-1 ngolwesine efree State Stadium.

Isiyonke imidlalo yelast 16 yenedbank Cup imi KANJENA:NGOLWESITH­ATHU E-TUT Stadium: Dondol Stars vs Amazulu FC 19h30 (SS).

NGOLWESIHL­ANU Enew Peter Mokaba:

Sekhukhune vs Cape Town Spurs 19h30 (SS).

NGOMGQIBEL­O Eprincess Magogo:

Golden

Arrows vs Royal AM 15h00 (SS/ SABC).

Enelson Mandela Bay: Chippa United vs Mpheni Home Defenders 15h00.

E-orlando Stadium: Orlando Pirates vs Venda FA 20h00 (SS).

NGESONTO Embombela: TS Galaxy vs Stellenbos­ch 15h00 (SS/SABC).

E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Casric Stars 18h00 (SS).

mfanafuthi­n@ilanganews.co.za.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMONNAPULE Saleng webucs ejabulela elinye lamagoli akhe nozakwabo emdlalweni neswallows FC ngolwesihl­anu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMONNAPULE Saleng webucs ejabulela elinye lamagoli akhe nozakwabo emdlalweni neswallows FC ngolwesihl­anu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa