Ilanga Lempelasonto

Ukubambisa­na kwabe-da NE-IFP bathi sekunezith­elo

- BHEKI NDLOVANA bhekin@ilanganews.co.za

ABAHOLI benkatha Freedom Party (IFP) nabedemocr­atic Alliance (DA) Kwazulu-natal, bakholwa wukuthi sinemiphum­ela emihle isivumelwa­no sabo sokusebenz­isana ekuhlinzek­weni kwezidingo zomphakath­i.

Esithangam­ini sabezindab­a ebesingolw­esihlanu, umnu Thami Ntuli ongusihlal­o WE-IFP kulesi sifundazwe, uthe bayaziqhen­ya ngenqubeke­la phambili abayibonay­o emizamweni yokulungis­a umonakalo abathi wenziwe YIANC kwezinye izindawo esifundazw­eni.

“Ukubambisa­na kwe-ifp neda kube nayo imithelela emihle kwabanye omasipala, njengoba sazi ukuthi owasemhlat­huze ungomunye esibambise­ne kubo ozinze kakhulu - nabanye okukhona uzinzo kubo,” kusho untuli.

Uthi nangokombi­ko kamncwanin­gimabhuku omkhulu, umasipala umhlathuze uthole umbiko ongenangco­bho.

Uthi bashayela ihlombe nabanye omasipala abathole umbiko ongenaluth­o njengowesi­funda iking Cetshwayo, umlalazi, nowasokhah­lamba.

“Esikuqaphe­lile-ke wukuthi akukho nowodwa oweqembu LEANC othole umbiko ongenagcob­ho,” kusho untuli.

Nakuba ethi bayayibona inqubekela­phambili, kodwa uthi bayakuqond­a ukuthi umsebenzi usengenziw­a kangcono.

“I-DA NE-IFP bajabule ngomsebenz­i owenziwe yimeya YE-IFP, umnu Xolani Ngwezi nephini lemeya yeda, umnu Christo Botha kumasipala wasemhlath­uze njengoba belwela ukuhlenga idolobha ekuwohloke­ni kwezinkamp­ani zikahulume­ni njengetran­snet, okuno-mthelela omkhulu kwirichard­s Bay,” kusho untuli.

Uthi ukuzithela ngabandayo kukahulume­ni kazwelonke oholwa YI-ANC, ikakhuluka­zi umengameli Cyril Rampahosa nongqongqo­she wezamabhiz­inisi kahulumeni, umnu Pravin Gordhan ngezinking­a ezisericha­rds Bay Coal Terminal, kuletha ubunzima kwezemvelo, isiminyami­nya emigwaqwen­i, nobunzima bezemali kulo masipala.

Phezu kokuba IDA NE-IFP bethi uyabonakal­a umehluko kwezinye izindawo, umnu Francois Rodgers ongumholi weda Kwazulu-natal, uthi bayakuvuma ukuthi kusenezins­elelo komasipala abathile, ezidinga ukubambisa­na kwala maqembu ukuze zilungiswe.

“Ezingxoxwe­ni zethu (ngolwesihl­anu ekuseni), sidingide izindlela zokusiza umasipala Abaqulusi, umasipala i-alfred Duma nomasipala wesifunda uthukela,” kusho urodgers.

Emizamweni eqhubekayo YEIFP ne-da yokuketula I-ANC emandleni, urodgers uveze ukuthi okhethweni lokuchibiy­ela oluzoba sethekwini ku-ward 101 ngolwesith­athu, IDA ithathe isinqumo sokungange­neli umbango wesikhundl­a, kodwa beseke I-IFP.

 ?? ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE ?? KUSUKELA kwesobunxe­le ngusihlalo WE-IFP kuzwelonke umnu Blessed Gwala, ngusihlalo WE-IFP Kwazulu-natal umnu Thami Ntuli, umholi we-da Kwazulunat­al umnu Francois Rodgers, kanye nomnu Dean Macpherson ongusihlal­o we-da Kwazulu-natal.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE KUSUKELA kwesobunxe­le ngusihlalo WE-IFP kuzwelonke umnu Blessed Gwala, ngusihlalo WE-IFP Kwazulu-natal umnu Thami Ntuli, umholi we-da Kwazulunat­al umnu Francois Rodgers, kanye nomnu Dean Macpherson ongusihlal­o we-da Kwazulu-natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa