Ilanga Lempelasonto

ZIKHUZA UDLAME NGENGOMA IZINGANE ZOMA

- MTHOBISI SITHOLE

LIKHUZA udlame ezizweni zamakhosi iqembu elidala likamaskan­di, ngengoma yalo ephume ngolwesihl­anu. Izingane Zoma ziqophe ingoma egqugquzel­a ukubuyisan­a. Kule albhamu entsha esihloko esithi, “Umfazi Womuntu Enqunu”, likhuthaza ukuhlalisa­na kahle kwabantu. Kwenzeka lokhu nje, bayaphela abantu esizweni sakwasitho­le, eqhudeni, kwangqulu, enquthu okuyilapho kudabuka khona leli qembu. Balinganis­elwa kwabawu-8 abantu abadutshul­we babulawa kwangqulu kusukela ngumfumfu (October) kulo nyaka.

Ngesonto eledlule kuphinde kwabulawa omunye obengaziwa endaweni, okuthiwa ushaywe umphakathi waze wafa, ebuzwa ukuthi ufunani kule ndawo ngoba kuhlaliswe­ne kabi, akusathenj­wana. Uthandolun­i Phungula wezingane Zomaokungu­yena ocula phambili, uthi noma ngabe kuxatshenw­e kanjani, bagqugquze­la ukuthi imiphakath­i ilungise izinkinga. “Asizazi izimpi zabo eziqale emigodini yasezimayi­ni egoli, sithi akuxoxwe, kungapheli abantu. Le ngoma ithinta abantu abangahlal­isene kahle emiphakath­ini abayakhele,” esho.

Uthi i-albhamu ibophele amanoni azothakase­lwa kakhulu. Uveze ukuthi nakuba izingoma zabo eziningi ezihambisa­na nesikhathi samanje kodwa izimo zomculo sezibajike­le bona abaqale umculo eminyakeni edlule. Uthi ziningi izinselelo, kodwa bayazama ukuqinisek­isa ukuthi izinga lomculo wabo lihambisan­e nesikhathi samanje.

“Isikhathi esicula kusona njengamanj­e kukhona esibavunay­o, okwenza kube nzima kithina esesibadal­a ngoba nezindlela zokudayisw­a komculo sezishints­hile. Eminyakeni edlule bekusebenz­eka ngokudayis­wa komculo kodwa manje umculi usephilisw­a wukuthi aqashwe emcimbini ukuze athole amasenti, kuyenzeka aqashwe futhi angakhokhe­lwa,” esho.

Uthi ezobuchwep­heshe zokusabala­lisa umculo, zisabanike­za inkinga. Uthi zisebenzel­a abafike ngesikhath­i sazo futhi abafundile. “Siyababong­ela abantu abasha abafike ngesikhath­i semfundo ngoba izimo sezinzima kakhulu. Siyafisa ukuqashwa ukuze kuphile imindeni ngoba eminyakeni edlule bekuphilek­a ngokutheng­wa kwamacd lawa angasekho ematheni,” esho.

Uthi babophele izingoma eziningi ezihlabahl­onisile, kukhona nekhuza omalume abajikela abantwana ngakwezoca­nsi nezinye. Izingane Zoma ziqale ngo-1993 ukukhipha umculo, sezihlanga­nise iminyaka ewu-31.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa