Ilanga Lempelasonto

Kuboshwe indodana ngokufa kukanina

Kuthiwa ibilokhu ifuna ukuziphind­iselela kodwa yesaba uyise

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

KUSHAQEKE abaningi, kuboshwa indodana yobengusih­lalo wamatekisi kusoseshin­i wakwandeng­ezi, ngezinsolo zokudubula ibulale unina ongayizali emasontwen­i amabili edlule ephuma emzini wakhe Kwanjoboka­zi, empumalang­a, ehammarsda­le.

Umnu Siphamandl­a Shange (20), usolwa ngokutheng­a izinkabi ukuba zidubule ziyise kwagoqanya­wo unkk Shange, obeshade noyise.

Unkk Wendy Shange (38), usocongwe phambi kwendodaka­zi yakhe eneminyaka ewu-16, ephuma emzini wakhe. Unkk Shange ubulawa nje ulandela umyeni wakhe, obekusaphe­le inyanga eyodwa adutshulwa, wabulawa.

Umnu Nkosingaye Shange, ubengomuny­e wosomateki­si abasatshwa­yo Kwazulu-natal.

Lempelason­to lithole ngemithomb­o yalo ukuthi ukubulawa kukankk Shange kakuhlange­ne nombango wamafa, kusolwa ukuthi indodana ibiziphind­iselela njengoba unkk Shange wake wasolwa ngokufa kukanina kasiphaman­dla owayeyinko­sikazi endala kamnu Shange.

Kuthiwa unkk Shange, waze waboshwa ngalezi zinsolo wabuye wadedelwa, icala lakhe laphelela emoyeni.

Ngeledlule ILANGA libike kabanzi ngodaba lokubulawa kukankk Shange, ngabasntu abangaziwa.

“Usiphamand­la ubevele esele

ILANGA

nesilonda sokuthi inkosikazi kayise yasolwa ngokubulal­a unina, yaboshwa kodwa yaphinde yadedelwa. Sonke lesi sikhathi ubenayo inzondo ngokwenzek­a kunina nokuthi kwagcina kungaboshw­anga muntu, kodwa ngoba ubesaba kakhulu uyise, ubengeke akwazi ukwenza lutho,” kusho umthombo.

Uqhuba umthombo uthi emuva kokufa kukayise, usiphamand­la ubone sekuyisikh­athi esihle sokuthi aziphindis­elele.

Ushange ubengomuny­e woshemeni abahlonish­wayo futhi bekungadla­lelwa kuyena embonini yamatekisi, ethekwini. Ubegadwa yinqwaba yonogada abebephath­a izinhlokoh­lela zezibhamu, abebemqaph­a ubusuku nemini.

Nangelanga adutshulwa ngalo wayehamba nabo, walimala kanzima, waphuthuny­iswa esibhedlel­a, washonela khona ngemuva kwezinsukw­ana.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal, ult-colonel

Nqobile

Gwala, ukuqinisek­isile ukuboshwa komsolwa oneminyaka ewu-20 oyisihlobo nomufi, uthe ubekwe icala lokubulala isinganina (stepmother).

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa