Kuboshwe indodana ngokufa kukanina
Kuthiwa ibilokhu ifuna ukuziphindiselela kodwa yesaba uyise
KUSHAQEKE abaningi, kuboshwa indodana yobengusihlalo wamatekisi kusoseshini wakwandengezi, ngezinsolo zokudubula ibulale unina ongayizali emasontweni amabili edlule ephuma emzini wakhe Kwanjobokazi, empumalanga, ehammarsdale.
Umnu Siphamandla Shange (20), usolwa ngokuthenga izinkabi ukuba zidubule ziyise kwagoqanyawo unkk Shange, obeshade noyise.
Unkk Wendy Shange (38), usocongwe phambi kwendodakazi yakhe eneminyaka ewu-16, ephuma emzini wakhe. Unkk Shange ubulawa nje ulandela umyeni wakhe, obekusaphele inyanga eyodwa adutshulwa, wabulawa.
Umnu Nkosingaye Shange, ubengomunye wosomatekisi abasatshwayo Kwazulu-natal.
Lempelasonto lithole ngemithombo yalo ukuthi ukubulawa kukankk Shange kakuhlangene nombango wamafa, kusolwa ukuthi indodana ibiziphindiselela njengoba unkk Shange wake wasolwa ngokufa kukanina kasiphamandla owayeyinkosikazi endala kamnu Shange.
Kuthiwa unkk Shange, waze waboshwa ngalezi zinsolo wabuye wadedelwa, icala lakhe laphelela emoyeni.
Ngeledlule ILANGA libike kabanzi ngodaba lokubulawa kukankk Shange, ngabasntu abangaziwa.
“Usiphamandla ubevele esele
ILANGA
nesilonda sokuthi inkosikazi kayise yasolwa ngokubulala unina, yaboshwa kodwa yaphinde yadedelwa. Sonke lesi sikhathi ubenayo inzondo ngokwenzeka kunina nokuthi kwagcina kungaboshwanga muntu, kodwa ngoba ubesaba kakhulu uyise, ubengeke akwazi ukwenza lutho,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo uthi emuva kokufa kukayise, usiphamandla ubone sekuyisikhathi esihle sokuthi aziphindiselele.
Ushange ubengomunye woshemeni abahlonishwayo futhi bekungadlalelwa kuyena embonini yamatekisi, ethekwini. Ubegadwa yinqwaba yonogada abebephatha izinhlokohlela zezibhamu, abebemqapha ubusuku nemini.
Nangelanga adutshulwa ngalo wayehamba nabo, walimala kanzima, waphuthunyiswa esibhedlela, washonela khona ngemuva kwezinsukwana.
Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal, ult-colonel
Nqobile
Gwala, ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa oneminyaka ewu-20 oyisihlobo nomufi, uthe ubekwe icala lokubulala isinganina (stepmother).