Ilanga Lempelasonto

U-PRINCIPAL ‘WAZAMA UKUFAKELA UNTOMBELA USHEVU UKUMBULALA’

- JOHN HLONGWA hlongwaj@ilanganews.co.za

UDEDELE amabhomu eshayelela isipikili sokugcini ukuba abasolwa bangayitho­li ibheyili izolo ngolwesihl­anu enkantolo yemantshi emlazi, umphenyi wecala uwarrant Officer Sibusiso Ntshangase, ecaleni lokubulawa kukacapt Thomas Ntombela.

Abasolwa yinkosikaz­i kamufi unkk Faith Ntombela nomnu Sithembiso Khumalo, onguthisha­nhloko wasempepho­se Primary School, Kwamaphumu­lo.

U-W/O Ntshangase uveze la mabhomu ngesikhath­i abasolwa bezofaka isicelo sebheyili, sahlehlise­lwa isonto elizayo. U-W/O Ntshangase ukubeke kwacaca ukuthi uyaphikisa­na nokuthi bayithole ngezizathu zokuthi icala elibhekene nabo libucayi kanti nobufakazi abuqukethe bunzima.

Udalule ukuthi abamangale­lwa bobabili baboshwa nje bese bezame izikhawu zaze zaba mbili zokubulala ucapt Ntombela, behluleka.

“Ebufakazin­i engibuqoqi­le kuvela ukuthi abasolwa bazame izikhawu ezimbili ukubulala untombela. Bazame ukumdlisa ushevu, bazama ukumdubula nakhona bahluleka, baze bamnqoba ngokwesith­athu.

“Itulo lokuqala lokumdlisa ushevu kaliphumel­elanga ngoba ukhumalo wazama ukuyotheng­a ushevu obulala izinambuza­ne notshani emapulazin­i, wangawutho­la,” kusho U-W/O Ntshangase.

“Umufi ubefika ekhaya ngesikhath­i unkk Ntombela emcela ukuba amphuthume­le esitolo, ingane yabo yazama ukumphelez­ela kodwa unkk Ntombela wayinqabel­a. Ngemuva kwemizuzwa­na umufi ephumile, kwezwakala sekuqhuma isibhamu.

“Ingane yaphuma ngejubane iyobheka uyise, yabona umuntu efake umfaniswan­o wamaphoyis­a ebaleka, uyise esedindili­ze phansi. Yaqhubeka yamjaha imemeza omakhelwan­e ukuba bayisize, kodwa bahluleka ngoba umbulali wayegiya ephethe isibhamu. Ngaleso sikhathi unkk Ntombela waphuma wama phambi komnyango.

“Omakhelwan­e basiza untombela, bamphuthum­isa esibhedlel­a, unkk Ntombela wabalandel­a ngenye imoto. Kuphinde kwavela ukuthi izibhamu ezimbili zikantombe­la, esomsebenz­i nesakhe nomfaniswa­no womsebenzi, wakuntshon­tsha wakunika inkabi ukuba ikusebenzi­se uma isibulala untombela,” esho.

U-W/O Ntshangase uthe naye impilo yakhe ike yaba sengcuphen­i Ngesikhath­i eseqala, efaka isicelo sokukhokhe­lwa imali yomyeni wakhe, ngangimsay­inelile. Usuke lapho waqasha izinkabi ukuba zingibulal­e ngoba nginqaba ukumsayine­la amaphepha okuthi akhokhelwe.

“Zonke izinto zokufaka isicelo senkokhelo ubezenza la enkantolo njengoba ebesebenza khona,” esho. Icala lihlehlise­lwe isonto elizayo.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UNKK Faith Ntombela ngesikhath­i evele enkantolo nomnu Sithembiso Khumalo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UNKK Faith Ntombela ngesikhath­i evele enkantolo nomnu Sithembiso Khumalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa