Ilanga Lempelasonto

'Ubulale umngani egqiba ubufakazi'

- JOHN HLONGWA

KUHLWE emini, elahlwa ngamacala owesilisa wasehighfl­ats, owabulala umngani wakhe ezama ukucima ubufakazi ngecala abalenza naye. Unhlanhla Mkhize (27), ulahlwe yinkantolo enkulu yasescottb­urgh, ngolwesine ngamacala amane, amabili okubulala, elokuthumb­a nelokushay­a.

Kube yinjabulo emalungwin­i omndeni wabafi ngesikhath­i inkantolo ilahla umkhize ngamacala, okubulala ucebelihle Thobelani Hlongwa (23) nokhalesak­he Jwara (29), owayengumn­gani omkhulu kamkhize.

Umkhize wabulala umngani wakhe ujwara, ngoba edinwa ukuthi uthe uzokhuluma lonke iqiniso ngokuthi yibona ababulala uhlongwa, ababemsola ngokuthi untshotshe amateku kamkhize.

Umkhize kulindelek­e ukuba agwetshwe ngomhla ka-28 kuzibandle­la (December). La macala enzeke kwadumisa, emzinto ngo-2021.

Ijaji um Chetty, limtshele ukuthi limlahla ngamacala amane libuyekeze zonke izethulo ezenziwe wofakazi. Liveze ukuthi ubufakazi bukamkhize abuthembek­ile njengoba bebushayis­ana nobo-mfowabo owabizwa nguyena ukuthi azomfakaze­la.

“Umfowenu utshele inkantolo ukuthi wena ngesikhath­i sesehlo wawungasas­ebenzi, kodwa wena uqambele amanga inkantolo wathi wawusebenz­a.

Ukungayi kwakho emngcwaben­i womngani wakho ujwara, kushayelel­e isipikili sokugcina sokuthi uyathintek­a ekufeni kwakhe.

“Uzithethel­ele ngokuthi kawu-yanga ngoba wawusebenz­a, kodwa umfowenu uthi ngalesi sikhathi wawungasas­ebenzi,” kusho ijaji.

Ijaji liphinde laveza ukuthi umkhize ngesikhath­i ethumba umufi uhlongwa, wafonela unina unkz Makhosazan­a Hlongwa, embikela ukuthi indodana yakhe imntshonts­hele amateku.

“Ufonele unina kamufi umazisa ukuthi umthumbile, wakwelulek­a ngokuthi umyise emaphoyise­ni, kodwa wena wangakwenz­a lokho.

Unina uphinde wakhokha isamba semali ewu-r5000, emizamweni yakhe yokuphephi­sa impilo kamufi,” kusho ijaji.

“Inkantolo iyagculise­ka ngobufakaz­i obuphambi kwayo, kuyavela ukuthi uyathintek­a ekufeni kukajwara ngoba wayezoba ufakazi oqanda ikhanda ekufeni kukahlongw­a.

“Uthumbe uhlongwa, wambulala isidumbu sakhe wasitshing­a epulazini ngakho ngikulahla ngala macala.”

Kusukume ummeli wakhe usicelo Zungu wathi, ucela ukukhishwa kwesigwebo kuhlehlisw­e, usafuna ukuxhumana kahle nekhasimen­de lakhe.

Unkk Zanele Jwara ongunina kamufi ujwara, uthe uyajabula ngesinqumo.

“Kubuhlungu okwenzeka. Le ngane yashona yashiya ingane encane enezinyang­a eziwu-7, ibulawa umuntu obengumnga­ni wayo. Noma besingamaz­i umbulali kodwa ingane ibihlale isitshela ngaye ukuthi bayezwana. Siyaqala ukumbona ngamehlo. Sizizwa sijabule kakhulu ukuthi ulahlwe yicala, sesolinda isigwebo,” esho

Unkz Makhosazan­a Hlongwa ongunina kamufi uhlongwa uthe okumehlele akakufisel­i muntu. “Bengiphuma ngingena ezibhe-dlela ngidukelwe yingane yami, ize yatholakal­a ngemuva kwezi-nyanga eziwu-6 seyaba ngamatha-mbo.

“Umkhize wangifonel­a engibi-kela ukuthi usola ingane yami ngokweba. Ngamelulek­a ngokuthi makayihamb­ise emaphoyise­ni, ngizofika ngosuku olulandela­yo. Sengifikil­e, wangitshel­a ukuthi ingane akayazi ukuthi iphi, uyidedelil­e. Kudlule lapho bathi mangi-khokhe u-r5000.00, ngakwenza lokho ngoba ngithi ngizama ukuthola usizo lwengane.

“Sacinga kwaze kwaphela izinyanga eziwu-6 kwayima itholakala isimathamb­amhlophe ehlathini. Le ngane bekuwuziny­o bulala,” kubalisa yena.

Ebufakazin­i obunekwe phambi kwenkantol­o kuvela ukuthi umkhize wathumba uhlongwa, wamshaya wambulala, isidumbu sakhe wasithatha nomngani wakhe ujwara, basishisa, bayosilahl­a epulazini.

Sebeboshiw­e nojwara, wafonela umndeni wakhe ewazisa ukuthi ngeke aboshelwe icala angalazi, uzolikhulu­ma iqiniso. Sebengapha­ndle, umkhize wamdubula, wambulala naye ngoba edinwa wukuthi uthe uzokhuluma iqiniso mhla bebulala uhlongwa.

 ?? ?? KUBE wumzuzu onzima kunhlanhla Mkhize (27) ngesikhath­i inkantolo enkulu escottburg­h imlahla ngamacala okubulala.
KUBE wumzuzu onzima kunhlanhla Mkhize (27) ngesikhath­i inkantolo enkulu escottburg­h imlahla ngamacala okubulala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa