Ilanga Lempelasonto

Ubonga uninakhulu onengoma ekwitop 10 yokhozi FM

Usaqhubeka nomsebenzi wokwetha uphethilol­i ongenisa ngamandla emculweni

- LINDA XIMBA

INTOKAZI efikayo emculweni, ingoma yayo esohlwini lweziyishu­mi ezivotelwa ngabalalel­i ukwehlukan­isa unyaka okhozini FM, yethembisa ukungazikh­ukhumezi njengoba inyonyobel­wa wudumo.

Unosilulek­o Nzuza, ozibiza ngoslue endimeni yomculo, usephenduk­e isilomo ngakubo emooi River namaphethe­lo ngenxa yengoma esihloko sithi, “Themba Lami” ayicula nomlue Vez nokeke Makhetha, eqoshwe ngaphansi kwedivine Rythm Production­s. Le ngoma inesigqi se-afro Dance.

Le ntokazi edabuka elokishini ibruntvill­e, ithi isathukile ngokubona ingoma yayo ithandwa ngabaningi.

Ithi bekungelul­a ukupheka lo msebenzi ngoba bekumele kuthi uma iphuma emsebenzin­i, egalaji lapho yetha khona uphethilol­i ezimotweni zamakhasim­ende, iye e-studio iyohlangan­isa umculo.

“Njengomunt­u okhuliswe ngenhlonip­ho ngugogo wami umamdunge, ngeke nakancane udumo lungishint­she,” isho.

Ithe ozakwabo emsebenzin­i kabayithat­hisi okukasaziw­ayo, kepha bahlale beyigqugqu­zela ukufeza iphupho layo lokucula.

Ithi njengoba impilo yayo ingashints­ha noma yinini, uma umculo uyihambela kahle, yona ifisa ukushintsh­a impilo yabantu ngokuthi baphiliswe emoyeni yizingoma ezibhalayo, eziqukethe umyalezo.

Le ntokazi eneminyaka ewu-27, ithi ifisa ukusebenza nabaculi abanjengol­ira, usjava nobucie, ethi ibukela kakhulu kubona.

Uslue usonge ngokubonga uninakhulu athi ikhono lokucula walincela kuyena, kwazise wayecula eqenjini lendawo le-gospel, ichosen Few.

Ubonge nomasipala wangakubo imooi Mpofana ngokumesek­a njengoba kuvotelwa ingoma ezohlukani­sa unyaka.

Ungavotela ingoma kaslue ngokuthume­la ISMS enohlamvu “D” enombolwen­i ethi 33665.

* Sezizonke izingoma ezikwi-top 10 yokhozi zimi kanjena:

– DJ Kotin ft Big NUZ, Mshayi & Mr Thela - Hello (A);

– Mthandeni SK Ft Lwah Ndlunkulu - Paris (B);

– Dlala Thukzin ft Zaba & Sykes- Iplan (C);

– Mlue Vez, Slue & Keke Makhetha Themba Lami (D);

– Khuzani ft Luve Umjolo Lowo (E);

– Mellow and Sleazy, Sjavadedee­jay, Titom ft Tman Xpress - Imnandi Lento (F);

– Andile Kamajola - Konke (G);

– Harry Cane, Master KG & DJ Latimmy - Dubula (H);

– Dumi Mkokstad Angimbonan­ga (I);

– K-yos - Ufunani (J)

NGUNOSILUL­EKO “Slue” Nzuza, ingoma yakhe esohlwini lwezibanga ukwehlukan­isa unyaka okhozini.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa