Ilanga Lempelasonto

Uzwelana nokhune omiselwe utshwala ezimpofane­ni

‘Ukungenzi kahle kwekilabhu bekumfakel­a ingcindezi’

- MFANAFUTHI NDLOVU mfanafuthi­n@ilanganews.co.za

UZWELANA nonozinti wekaizer Chiefs u-itumeleng Khune okuthiwa umisiwe kulandela ukufika emsebenzin­i edle amponjwana ujunior Khanye, owazakhela udumo egijima kuyona le kilabhu eminyakeni edlule.

Ichiefs imemezele ngolwesine ukuthi ikomidi layo lokuqondis­a ubugwegwe linqume ukummisa ukhune ekuzihlang­aniseni nesikwati sayo ngenxa yalezi zinsolo.

Iphinde yathi izomsiza ukuyohluny­eleliswa isimilo.

Abantu abaningi babuka isimo sikakhune njengesesi­bheke esiphethwe­ni sohambo lwakhe kule kilabhu njengoba ebevele enenkontil­eka yonyaka evuselelwe kuqala isizini.

Ichiefs yakuveza phambilini ukuthi isezinhlel­weni zokumfaka ezinhlaken­i zayo zokulolong­a onozinti ngenxa yeminyaka yakhe, kodwa yena wathi usazibona evunyelwa wumzimba ukuqhubeka nokuba sezintini.

Ukhanye, osengumhla­ziyi wezemidlal­o kwidiski TV, utshele ILANGA Lempelason­to ukuthi umthumelel­e ukhune umqhafazo, emgxeka ngokuphuza emsebenzin­i ekubeni azi ukuthi baningi abadlali bephelelwa yikusasa ngenxa yotshwala, kubalwa kubona naye (ukhanye).

Uthi ubengakamp­henduli.

“Ngimkhonze kakhulu ukhune kodwa ubhedile.

“Le nto ayenzile nami ngayenza, ngabulala ikusasa lami ebholeni ngotshwala. awenzile kwichiefs jikelele. “Ngidlalile naye, wayeziphet­he kahle kakhulu.

“Nokho ngiyasiqon­da isimo sakhe sakamuva sokuphazan­yiswa wukungenzi kahle kwekilabhu, okumfake kule nto. “Ngigxeka nabadlali ababili okuvela ukuthi yibona abamceba ezikhulwin­i ukuthi ufike ejimini ephuzile. “Kwakumele bakhulume naye eceleni ukuze agoduke ukwenzela ukumhlenga njengokapu­teni wabo,” esho.

Uthi ukholwa wukuthi kuningi ukhune asengakwen­zela ichiefs ngoba ungomunye wabadlali abayiseben­zele ngobuqotho iminyaka eminingi.

 ?? ?? NGU-ITUMELENG KHUNE
NGU-ITUMELENG KHUNE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa