Ilanga Lempelasonto

I-ROYAL AM IZOKWEMUKE­LA I-BAY FC IGCWELE UKUZETHEMB­A

- MFANAFUTHI NDLOVU

IGCWELE ukuzethemb­a iroyal AM ngaphambi komdlalo wayo nerichards Bay FC wedstv Premiershi­p ozokuba kusasa ngesonto ngo-15h30 eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu.

Uzukile Mkhize ongesinye sezitobha ze-am, utshele ILANGA Lempelason­to ukuthi lo mdlalo ufike kahle kubona njengoba imimoya iphezulu kulandela ukuqoqa amaphuzu agcwele kwicape Town Spurs.

Nokho uthi umdlalo wabo nebay uhlale ungowamagq­ubu kusukela lawa makilabhu esagijima kwinationa­l First Division.

Uthi akakungaba­zi ukuthi abalandeli abazohambe­la lo mdlalo bazophuma bebheme bakholwa.

“Okuhle wukuthi sizokuya kulo mdlalo sigcwele ukuzethemb­a ngoba sibuye namaphuzu agcwele kwispurs,” kusho umkhize.

Usanele Barns ongomunye wabadlali abenza kahle kwibay FC, uthi yize kuwumdlalo onzima lo, kodwa bazimisele ngokubuya namaphuzu agcwele.

Uthi ukuba nzima kwalo mdlalo kufakazelw­a nawukuthi kwi-log womabili amakilabhu asendaweni embi njengoba engasemsil­eni.

“Ngiyazi ukuthi abaningi babuka womabili amakilabhu njengadons­a kanzima, kodwa sifuna ukukujika lokho.

“Umqeqeshi wethu (ukaitano Tembo) ugcizelele ubumqoka bokuba silwe enkundleni kodwa singazifak­i ngaphansi kwengcinde­zi.

“Emdlalweni odlule nestellenb­osch FC sivuleke amehlo yize siguqele ekhaya.

“Okuhle wukuthi kuvunguza umoya wobunye ekhempini, sonke siyakuqond­a ukuthi kakumele sivume ukudliwa yikilabhu engomkhaya bethu,” kusho ubarns.

Kubadlali okulindele­ke ukuba bathwale I-AM kulo mdlalo kukhona uthabo Matlaba, uhugo Nyame ongunozint­i, umxolisi Macuphu nosedwyn George.

Kwibay kubhekwe ubarns, usomila Ntsundwana, umoses Mthembu nojustice Figuareido, ukubala nje abambalwa.

Amathikith­i alo mdlalo abiza ur80 ewebticket­s, epick & Pay, esasol nasebp.

 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUZUKILE Mkhize oyisitobha seroyal AM nosanele Barns werichards Bay FC.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUZUKILE Mkhize oyisitobha seroyal AM nosanele Barns werichards Bay FC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa