Ilanga Lempelasonto

Lisabambe igqubu ibhokisa lasekzn

- LINDA XIMBA

INGQWELE yaseningiz­imu Afrika kwimiddlew­eight, umapule “Thunder” Ngubane isanegqubu ngomphumel­a wempi yayo norita Mrwebi eyayisemth­atha ngo-2022.

Ungubane ukholwa wukuthi wawakhipha wonke amangwevu kodwa amajaji ambamba ngomlenze owodwa ewinisa umrwebi ngoba wayelwa ngakubo.

Ngaleso sikhathi umrwebi wayephethe ibhande likazwelon­ke le-welterweig­ht. Nokho-ke umapule uthe akafune kwenzelwa ufefe ngamajaji uma esephinda etholana phezulu nomrwebi empini eqhathwe yihlula Dladla Promotions, enamuhla ngomgqibel­o e-olive Convention Centre, ethekwini. Iminyango izovulwa ngo-17h00.

Umapule uzothembel­a ekwesekwen­i yizindimba­ne zabalandel­i kwazise uzolwa esifundazw­eni sakhe.

Uthe usophe ukuxina umrwebi zisuka ebhandeni ngoba ufuna ukukhombis­a ukuthi akalipheth­e ngephutha ibhande leworld Boxing Associatio­n (WBA) Pan African.

Leli bhande usanda kulinqoba ngamaphuzu kucharity Mukani Mujwiri wasekenya empini eyayisethe Ridge Casino, emalahleni, empumalang­a. Umrwebi uzoya kule mpi enengcinde­zi yokubuyisa isithunzi.

Empini yakamuva wehlulwe ngumandisa Sibanda wasezimbab­we, ovamise ukusuthisw­a isimbambam­ba ngamabhoki­sa akuleli.

Uphromotha udladla uthi ukholwa wukuthi umapule uyigugu esibhakele­ni sabesifaza­ne kuleli.

Njengamanj­e igama lakhe likleliswe YIWBA endaweni yesibili eduze kwengqwele uclaressa Shields wasemelika.

Kwenye impi, ulindelani “Bram” Sibisi uhlalelwe wukukhombi­sa ukuthi kungani abamphethe bembona engufloyd “Money” Mayweather wakuleli.

Lokhu kumele akukhombis­e ngokuthi angqimuze usange Ngoza wase-eastern Cape empini yebhande elingaphet­hwe muntu LEWBA Pan African featherwei­ght imizuliswa­no eyishumi.

Leli yithuba eliyingqay­izivele kusibisi lokuthi azakhele igama abuye aqhubeke ebuya nendondo yethusi kumacommon­wealth Games ebirmingha­m, e-england ngo-2021.

Amehlo alabo abangasila­ndeli kangako isibhakela azothi njo empini yokungcwek­a phakathi kukabig Zulu nosomabhiz­inisi wasemgungu­ndlovu uphumlani Njilo.

Ukuklwebha­na kwabo esigcawini sabezindab­a nasezinkun­dleni zokuxhuman­a sekwenze abantu baba magange bayothenga amathikith­i. Aqala ku-r150 ukudayiswa, awezicukut­hwane abiza u-r800.

 ?? ?? IBHEKWE ngabomvu impi ephakathi kukasomabh­izinisi uphumlani Njilo okwesobunx­ele nomculi we-hip-hop ubig Zulu okwesokudl­a.
IBHEKWE ngabomvu impi ephakathi kukasomabh­izinisi uphumlani Njilo okwesobunx­ele nomculi we-hip-hop ubig Zulu okwesokudl­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa