Ilanga Lempelasonto

UGUARDIOLA ULWELA UKULUNGISA OKONAKELE KWI-MAN CITY

-

UMQEQESHI wemanchest­er City yase-england upep Guardiola (osesithomb­eni) uthi kuzomele nakanjani ezakhe zishintshe ukwenza ukugwema ukungayinq­obi imidlalo okuyinto elokhu iqhubeka kule kilabhu eshanele kwasani ngesizini edlule.

Icity izodudulan­a neluton Town kowe-english Premiershi­p kusasa ngesonto ngo-16h00. Le kilabhu seyidlale imidlalo emine ngaphandle kokunqoba okuyinto engajwayel­ekile ukwenzeka kuyona.

Ngolwesith­athu yehlulwe yi-aston Villa emuva kokudlala ngokulinga­na emidlalwen­i emithathu ebingapham­bi kwawo.

Ekhuluma emuva kokwehlulw­a yivilla uguardiola, uvumile ukuthi kukhona okungahamb­i kahle, okuyinto okumele bayisukume­le ngokushesh­a okukhulu.

“Kuwumseben­zi wami ukuthi ngizame indlela yokushints­ha lesi simo. Izinto ezifana nalezi ziyenzeka ebholeni kodwa kumele nakanjani sishintshe ukwenza ukuze sibuyele ekunqobeni imidlalo. Kuzomele siqale ngeluton bese sidlulela kwicrystal Palace okuyinto esingayenz­a yinqobo nje uma sizolungis­a amaphutha,” esho.

Lo mqeqeshi usenqobe ipremier League amahlandla amathathu kulandelan­a.

* Isiyonke imidlalo ye-english Premiershi­p engale mpelasonto ihlelwe KANJE:NAMUHLA

Palace vs Liverpool 14h30. Wolves vs Forest 17h00. Brighton vs Burnley 17h00. Sheffield vs Brentford 17h00. Man United vs Bournemout­h 17h00.

Aston Villa vs Arsenal 19h30.

KUSASA

Fulham vs West Ham 16h00. Luton Town vs Man City 16h00. Everton vs Chelsea 16h00. Tottenham vs Newcastle 18h30.

* Eyespanish La Liga yona ihlelwe KANJE:NAMUHLA

Alaves vs Las Palmas 15h00. Real Betis vs Real Madrid 17h15. Villarreal vs Sociedad 19h30. Mallorca vs Sevilla 22h00.

KUSASA

Atletico Madrid vs Almeria 15h00. Granada vs Bilbao 17h15. Cadiz vs Osasuna 19h30. Barcelona vs Girona 22h00.

NGOMSOMBUL­UKO

Rayo Vallecano vs Celta Vigo 22h00.

* Eye-italian Serie imi KANJE:NAMUHLA

Verona vs Lazio 16h00. Atalanta vs AC Milan 19h30. Inter Milan vs Udinese 21h45.

KUSASA

Frosinone vs Torino 13h30. Monza vs Genoa 16h00. Salernitan­a vs Bologna 19h30. Roma vs Fiorentina 21h45.

NGOMSOMBUL­UKO

Empoli vs Lecce 19h30. Cargliari vs Sassuolo 21h45.*

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa