Kuzoncipha izindleko kubathengi ekuqaleni konyaka ozayo
Lnjabulo ngokwehla kukaphethiloli ngolwesithathu esiya kulona
BAZOWUQALA ngezindaba ezimnanjana unyaka omusha ka-2024 abathengi njengoba kulindeleke ukuba umnyango wezokumbiwayo namandla umemezele ukwehla kwentengo kaphethiloli nodizili.
Ngolwesine i-automobile Association (AA), ithe naphezu kokungabi nozinzo kwerandi, nokukhathazeka ngemizila yemikhumbi kwired Sea, intengo kaphethiloli kusalindeleke ukuba yehle.
I-AA ithe ngokwezibalo zecentral Energy Fund (CEF), uphethiloli kulindeleke ukuba wehle cishe ngo-54c ilitha (ULP95), no39c ilitha (ULP93).
Intengo kadizili kulindeleke ukuba yehle kakhulu phakathi kuka-94c no-r1.02 ilitha, kanti upharafini uzokwehla cishe ngo95c ilitha.
Intengo entsha kaphethiloli izoqala ukusebenza ngolwesithathu emuva kokuba umnyango wezokumbiwayo namandla usumemezele ngokusemthethweni uguquko kwintengo.
Ngokusho kwe-aa, ngolwesithathu kube nozinzo kwintengo kawoyela njengoba imikhumbi isikwazi futhi ukuhamba kwired Sea, emuva kwezigameko zokuhlaselwa kwayo okube nomthelela odale ukuba kukhuphuke intengo yawo (uwoyela).
Kubikwa ukuthi ukwehla kwentengo kawoyela yikhona okuzoba nomthelela omkhulu ekwehleni kwentengo kaphethiloli.
“Nakuba silindele ukuthi uphethiloli ushibhe ngomasingana (January), sikhathazekile ngentengo yawo ephezulu ekhinyabeza bonke abathengi.
Noma ingehla ngokulindelekile intengo kaphethiloli, isazoba ngaphezulu kwentengo yangomasingana ku-2023, kodwa intengo kadizili yona izobe ishibhile kancane kunangesikhathi esifanayo,” kusho I-AA.
Le nhlangano iphinde yathi nakuba u-2024 uzoqala kahle kubathengi, kodwa kusesekuseni kakhulu ukuqagula ukuthi ukwehla kwentengo kaphethiloli kuzoqhubeka yini, ikakhulukazi uma kubhekwa nesimo sezombusazwe emazweni, esinomthelela kwintengo kawoyela emhlabeni.
Ithe isixazululo esizolekelela ukunciphisa izindleko zentengo kaphethiloli ephezulu sisadingeka.
I-AA inxuse uhulumeni ukuba usheshe uqale uhlelo lokubuyekezwa kwentengo kaphethiloli okuzoba yisixazululo. bhekin@ilanganews.co.za www. ilanganews.co.za