Imizamo yokugcina yabaculi ukuhlukanisa unyaka okhozini FM
SELIDUMELA emasumpeni ngengoma ezohlukanisa unyaka esiteshini somsakazo Ukhozi FM njengoba abaculi abanezingoma ezisohlwini lweziyishumi ezibhekiwe sebenxenxa abalandeli babo okokugcina ukuba bavotele izingoma zabo.
Ingoma ehlukanisa unyaka kulesi siteshi ihlale isematheni njengoba sesazakhela igama ukuthi kube yiwona msakazo olalelwayo ngobusuku obandulela uncibijane.
Nakuba lesi siteshi kuyisona esekhethelo ngalobu busuku, kodwa kule minyaka edlule kuqubuke izinkonondo ngendlela lo msakazo osuwenza ngayo mayelana nale ngoma njengoba abalaleli bevota noma yikangaki.
Nakuba nakulo nyaka kukuningi osekukhulunyiwe, kodwa abaculi abakwi-top 10 bakubheke ngabomvu ukuba izingoma zabo zehlukanise unyaka.
Kabakugqizi qakala okushiwoyo njengoba okuseqhulwini kubona kuwukubona izingoma zabo kuba yizona ezifaka abantu onyakeni omusha.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule kube yibig NUZ enqamule unyaka ngengoma yayo ethi Ngeke.
Kulo nyaka nazi izingoma ezivotelwayo:
A - DJ Kotin ft Big NUZ, Mshayi & Mr Thela - Hello;
B - Mthandeni SK Ft Lwah Ndlunkulu - Paris;
C - Dlala Thukzin ft Zaba & Sykes - Iplan;
D - Mlue Vez, Slue & Keke Makhetha - Themba Lami;
E - Khuzani ft Luve - Umjolo Lowo;
F - Mellow and Sleazy, Sjavadedeejay, Titom ft Tman Xpress - Imnandi Lento;
G - Andile Kamajola - Konke; H - Harry Cane, Master KG & DJ Latimmy - Dubula;
I - Dumi Mkokstad Angimbonanga;
J - K-yos - Ufunani.
Uma unesifiso sokuthi kube ngenye yalezi zingoma ezikufaka onyakeni omusha ungayivotela ngokuthumela nge-sms uhlamvu oluhambisana nengoma kule nombolo yocingo ethi -33665.