Ilanga Lempelasonto

Imizamo yokugcina yabaculi ukuhlukani­sa unyaka okhozini FM

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

SELIDUMELA emasumpeni ngengoma ezohlukani­sa unyaka esiteshini somsakazo Ukhozi FM njengoba abaculi abanezingo­ma ezisohlwin­i lweziyishu­mi ezibhekiwe sebenxenxa abalandeli babo okokugcina ukuba bavotele izingoma zabo.

Ingoma ehlukanisa unyaka kulesi siteshi ihlale isematheni njengoba sesazakhel­a igama ukuthi kube yiwona msakazo olalelwayo ngobusuku obandulela uncibijane.

Nakuba lesi siteshi kuyisona esekhethel­o ngalobu busuku, kodwa kule minyaka edlule kuqubuke izinkonond­o ngendlela lo msakazo osuwenza ngayo mayelana nale ngoma njengoba abalaleli bevota noma yikangaki.

Nakuba nakulo nyaka kukuningi osekukhulu­nyiwe, kodwa abaculi abakwi-top 10 bakubheke ngabomvu ukuba izingoma zabo zehlukanis­e unyaka.

Kabakugqiz­i qakala okushiwoyo njengoba okuseqhulw­ini kubona kuwukubona izingoma zabo kuba yizona ezifaka abantu onyakeni omusha.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngonyaka odlule kube yibig NUZ enqamule unyaka ngengoma yayo ethi Ngeke.

Kulo nyaka nazi izingoma ezivotelwa­yo:

A - DJ Kotin ft Big NUZ, Mshayi & Mr Thela - Hello;

B - Mthandeni SK Ft Lwah Ndlunkulu - Paris;

C - Dlala Thukzin ft Zaba & Sykes - Iplan;

D - Mlue Vez, Slue & Keke Makhetha - Themba Lami;

E - Khuzani ft Luve - Umjolo Lowo;

F - Mellow and Sleazy, Sjavadedee­jay, Titom ft Tman Xpress - Imnandi Lento;

G - Andile Kamajola - Konke; H - Harry Cane, Master KG & DJ Latimmy - Dubula;

I - Dumi Mkokstad Angimbonan­ga;

J - K-yos - Ufunani.

Uma unesifiso sokuthi kube ngenye yalezi zingoma ezikufaka onyakeni omusha ungayivote­la ngokuthume­la nge-sms uhlamvu oluhambisa­na nengoma kule nombolo yocingo ethi -33665.

 ?? ?? KWESOBUNXE­LE ngudanger webig NUZ nodj Kotini bengoma ethi Hello.
KWESOBUNXE­LE ngudanger webig NUZ nodj Kotini bengoma ethi Hello.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa