BACASULWA NGUMBULALI OGOLOZE UKUHANJISWA NGAMAPHOYISA ENKANTOLO UKUYOGWETSHWA
KUPHOQELEKE ukuba kuhlehliselwe unyaka ozayo ukumenyezelwa kwesigwebo sikanhlanhla Mkhize (27) ogcine engalubhadanga enkantolo enkulu yasethekwini ngoba ethi uzibona engaphephile njengoba kunabantu abengafuni ukuba bambone uma evela enkantolo.
Umkhize ulahlwe yinkantolo yasescottburgh ngamacala amane, okungamabili okubulala, ngelokuthumba nelokushaya. Ngolwesine bekufanele ukuba ayokwamukela isigwebo sakhe emuva kokulahlwa ngamacala emasontweni amathathu adlule.
Leli phephandaba lifike enkantolo kunezisebenzi ezimbalwa ebezibamba ziyeka ngoba zingenalo ulwazi ngokuqhubekayo.
Emuva kwesikhathi kungene ucingo kwesinye sazo kubikwa ukuthi umkhize utshele umphenyi wecala ukuthi ngeke alubhade enkantolo. Abebesenkantolo batshelwe ukuthi icala lihlehliselwa umasingana (January) wonyaka ozayo lapho ezofike agixabezwe ngesigwebo sakhe.
Umkhize ulahlwe yicala lokubulala ucebelihle Hlongwa (23) nokhalesakhe Jwara (29) owayengumngani wakhe (umkhize). Umkhize wabulala ujwara ngoba edinwa wukuthi uthe uzokhuluma konke ngokuthi yibona ababulala uhlongwa ngoba bemsola ngokuthi untshontshe amateki kamkhize.
La macala enzeka endaweni yakwadumisa emzinto ngo-2021. Amalungu emindeni yabafi, yizihlobo nabangani - abesekwe ngamalungu omphakathi - atshele leli phephandaba ukuthi batshelwe ukuthi umkhize uyenqaba ukugibela evenini yamaphoyisa okwenze ukuba umphenyi wecala angakwazi ukumthatha eyedwa.
“Kuthiwa kushoda amaphoyisa azomlanda esitokisini. Siyazibuza ukuthi ungakanani kanti lo muntu okuthiwa wehlula amaphoyisa. Kuyamangaza ukuthi uthi uyesaba ukuza enkantolo kodwa wayenesibindi egila imikhuba yokubulala abantu.
“Thina siphelelwe yimali ngaleli cala. Kusukela ngo-2021 sihamba leli cala, kumanje sibanjezelwa ngento encane nje okuwukumemezela isigwebo,” kusho elinye ilungu lomndeni wabafi elingathandanga ukudalulwa.