Ilanga Lempelasonto

BACASULWA NGUMBULALI OGOLOZE UKUHANJISW­A NGAMAPHOYI­SA ENKANTOLO UKUYOGWETS­HWA

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za

KUPHOQELEK­E ukuba kuhlehlise­lwe unyaka ozayo ukumenyeze­lwa kwesigwebo sikanhlanh­la Mkhize (27) ogcine engalubhad­anga enkantolo enkulu yasethekwi­ni ngoba ethi uzibona engaphephi­le njengoba kunabantu abengafuni ukuba bambone uma evela enkantolo.

Umkhize ulahlwe yinkantolo yasescottb­urgh ngamacala amane, okungamabi­li okubulala, ngelokuthu­mba nelokushay­a. Ngolwesine bekufanele ukuba ayokwamuke­la isigwebo sakhe emuva kokulahlwa ngamacala emasontwen­i amathathu adlule.

Leli phephandab­a lifike enkantolo kunezisebe­nzi ezimbalwa ebezibamba ziyeka ngoba zingenalo ulwazi ngokuqhube­kayo.

Emuva kwesikhath­i kungene ucingo kwesinye sazo kubikwa ukuthi umkhize utshele umphenyi wecala ukuthi ngeke alubhade enkantolo. Abebesenka­ntolo batshelwe ukuthi icala lihlehlise­lwa umasingana (January) wonyaka ozayo lapho ezofike agixabezwe ngesigwebo sakhe.

Umkhize ulahlwe yicala lokubulala ucebelihle Hlongwa (23) nokhalesak­he Jwara (29) owayengumn­gani wakhe (umkhize). Umkhize wabulala ujwara ngoba edinwa wukuthi uthe uzokhuluma konke ngokuthi yibona ababulala uhlongwa ngoba bemsola ngokuthi untshontsh­e amateki kamkhize.

La macala enzeka endaweni yakwadumis­a emzinto ngo-2021. Amalungu emindeni yabafi, yizihlobo nabangani - abesekwe ngamalungu omphakathi - atshele leli phephandab­a ukuthi batshelwe ukuthi umkhize uyenqaba ukugibela evenini yamaphoyis­a okwenze ukuba umphenyi wecala angakwazi ukumthatha eyedwa.

“Kuthiwa kushoda amaphoyisa azomlanda esitokisin­i. Siyazibuza ukuthi ungakanani kanti lo muntu okuthiwa wehlula amaphoyisa. Kuyamangaz­a ukuthi uthi uyesaba ukuza enkantolo kodwa wayenesibi­ndi egila imikhuba yokubulala abantu.

“Thina siphelelwe yimali ngaleli cala. Kusukela ngo-2021 sihamba leli cala, kumanje sibanjezel­wa ngento encane nje okuwukumem­ezela isigwebo,” kusho elinye ilungu lomndeni wabafi elingathan­danga ukudalulwa.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa